Umjinge

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Umjingo)

ลูกตุ้มธรรมชาติ

Umjinge uyinani isenzakalo esiphindayo esenzeka ngalo ngomuvo wesikhathi. Kumchazandalo, umjingo wamaza uyinani iziluba zamaza ezidlula ngalo echophweni ngomzuzwana owodwa (iziluba zamaza ziyiziqongo ezakhiwa amaza). Futhi kubhekiselwa kuwo ngokuthi umjingo wesikhashana uma ucaciswa, futhi uhlukile kunomjingo wengoni. Umjingo ulinganiswa ngamahaza (Hz) alingana nesenzakalo esisodwa ngomzuzwana owodwa. Inkathi ingumgamu wesikhathi ophakathi kwezenzakalo, ngakho inkathi ingumnano womjingo.

Ngokwesibonelo, uma inhliziyo inesigqi somjingo wezikhathi eziyi-120 ngomzuzu (amahaza ama-2), inkathi, umgamu—T isigqi esiziphinda ngawo—uyisigamu somzuzwana (imizuzwana engama-60 ehlukaniswa ngezigqi eziyi-120). Umjingo uyisilinganisi esibaluekile esisetshenziswa kwezenzululwazi nakwezomngcikisho ukucacisa izinga lezimongotho ezicikazayo neziqhikizekayo, ezifana nomqhikizeko wezinguxa, iziyabizo zomsindo, amaza womsakazo, nokukhanya.

Izincasiselo nemivo[hlela | Hlela umthombo]

Umlence onenkathi eyi-2.8 imizuzwana nomjingo oyi-0.36 Hz

Ezimongothweni eziyingilizayo ezifana nemicikazo, amaza, noma ngokwezibonelo zomdiki wobumbano olulula , ibizo elithi umjingo lichasiswa ngokuthi inani lemiyingilizo noma imiqhikizeko emuveni owodwa wesikhathi. Inkathi T iyisikhathi esidlekayo ekuqedeni ukuyingiliza okukodwa kokucikaza noma ukundiyaza. Ukuhlobana phakathi komjingo nenkathi uchazwa ilesimikithisi Template:Sfn

Ibizo elithi umjinge wesikhashana lisetshenziselwa ukugcizelela ukuthi umjingo unenkondolo eyinani lesenzakalo esiziphindayo esenzeka ngalo kumuvo wesikhathi.