Jump to content

UMkhosi woSelwa

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Umkhosi wokweshwama)

UMkhosi woSelwa noma uMkhosi wokweShwama uwumthandazo wesizwe kubongwa  uMvelingangi/ uMvelikuqali ngemvula, inala nokugcina abantu abadala (omkhulu nogogo) abayinqolobane yesizwe mayelana ngolwazi nokuhlakanipha abaludlisa esizikulwaneni.  Bayinqolobane nomthombo womlando, amasiko nokunye okuningi.

Lo mkhosi ugunjwa ngenyanga kaZibandlela kwaNongoma esigondlweni seSilo.  Wenziwa ngesikhathi inyanga igcwele (full moon).  Lo mkhosi uqondene ngqo nabantu besilisa kuphela, ikakhulukazi izinsiswa ezingakabuthwa.   Lo mkhosi mdala KwaZulu naseSwazini.   Amalungiselelo okugujwa komkhosi aqala ngenyanga kaLwezi (November).

Ukuchazela yesitshalo iselwa nokuhlobana kwaso nalo mkhosi

[hlela | Hlela umthombo]

Iselwa igama eliyibizo lesithelo sesitshalo esithi asifane nethanga. Sithi uma sesivuthiwe kwenziwe ngaso amagula amasi, izigubhu zamanzi nezinkezo zokukha amanzi  noma utshwala. Abanye babiza bathi uselwa (uluselwa). Lesi sitshalo sithi asifane nezintanga futhi sikhula sinabe sikhiphe imilibe njengazo izintanga.  Likhula linabe bese likhipha izigubhu okuyizona ezibiza ngokuthi iselwa. Iselwa liyaphekwa kwenziwe ingqeke, kwesinye isikhathi liphekwa ndawonye nethanga.  Lesi sitshalo  siyigugu esizweni samaZulu.  Sitshalwa ehlobo noma enkwindla uma sekufike isikhathi sokufaka immbila phansi, izintanga, amabele nemfe nokunye okutshalwa emasimini.  

Ngamafuphi nje, kuningi okumsebenzi weselwa. Iselwa uma selivufuthiwe, liyalikha bese bayalomisa. Uma selomile baligweda phakathi bakhiphe imbewu kodwa inhloso kusuke kuwukwakha inkezo / ukhezo lokukha amanzi, ukwakha igula okungaba igula lamasi, igula lokugcina imuthi, kanye nokunye.  Kwenzeka kwenziwe amadoshi okufaka ugwayi.

owawugujwa ekuqaleni noma ekugcineni kwenkwindla. Lona ngumkhosi womthandazo wesizwe samaZulu lapho kusuke kubongwa khona konke okuhle okwenzeke onyakeni okubalwa kukho imvula, ukudla ikuningi, nokunye okuningi okuhle. Kulo mkhosi inkosi iyona eqala ngqa ukudla okusha ukusanda kuvunwa emasimini. Ngalenkathi abantu abavumelekile ukuthi bakudle ukudla okusha inkosi ingakakudli. Owayengeqa lomthetho wayengabulawa nokubulawa ngoba wabe etshengisa ukungahloniphi ubukhosi kanye nabaphansi [1]. Lomkhosi usuke wenzelwa kakhulu abesilisa abasebancane, ikakhulukazi abangakasokwa. Lona ngumkhosi osuka emandulo, futhi awugujwa amazulu kuphela kepha ugujwa izizwe esiningana ezise-Afrika eseNingizimu. Lona ngomunye wemikhosi eyavuselelwa iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ngonyaka we-1990. ugujwa esigodlweni seNgonyama yamaZulu Enyokeni kwaNongoma ngayo yonke iminyaka ngenyaka kaZibandlela [2].

Isendlalelo

[hlela | Hlela umthombo]

Inkosi inyathela uselwa oluphekwa ngemithi enamandla. Inkosi ihlala igonqile. Kulendlu akungeni muntu ngaphandle kukanina nesalukazi esingasagezi. Inkosi iyawuzila umdlukulu wayo. Ngenkathi igonqile ihlala nsensila yayo kanye nenyanaga eyiqinisa ngamakhubalo anohlonzo., Amabutho akha amadlangala azungenze umuzi wenkosi. Ngale nkathi amabutho ahuba amahubo empi. Ekuseni nantamabama,e inkosi ikhwifa ilanga [3][1].

Ukugujwa kwalomkhosi

[hlela | Hlela umthombo]

Ngosuku lokungena komkhosi, kusondezwa umhlambi omnyama bese kulethwa inkunzi emnyama. Le nkunzi ayihlatshwa ngomkhonto noma ngesinye isikhali kepha amabutho asebenzisa izandla zawo ukuyibulala. Amabutho angena nayo esibayeni bese ayayizungeza eyisonta, ayiqhumise ithambo lesijungujungu. Iyabengwa. Umbengo unikwa inkosi ucwiliswe emithini enamandla. Inkosi imfimfithe iqatha ililahle. Imibengo iphonswa phezulu amabutho ayinqake, amfimfithe. Owele phansi awudliwa. Imbongi iqephuza inkosi bese imemezela ukuthi owezulu usedlile, ngakho izwe lingeshwama. Impendulo kuba ukuduma kuka "Bayede uyizulu." Kuyagidwa kwenanywe kuhlatshwe ezekhethelo izinkomo, kufinywe ngendololwane. Abantu sebegadla ukudla okusha, bashaye udolo qina, dolo qina [1].

Lona ngumkhosi osuka emandulo, futhi awugujwa amazulu kuphela kepha ugujwa izizwe esiningana ezise-Afrika eseNingizimu. Esizweni sakwaZulu lomkhosi waqalwa nguShaka kaSenzangakhona Ebukhosini bamaSwazi umkhosi ofanba nawo lona ubizwa ngokuthi Incwala[2]..

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. 1.0 1.1 1.2 Amangwevu esiZulu Ibanga lesi-9. Shuter & Shooter. 2001. ISBN 0-7960-1645-3. Text " last" ignored (help); Text " et al " ignored (help); Unknown parameter |Last= ignored (|last= suggested) (help); |first1= missing |last1= in Authors list (help)
  2. 2.0 2.1 Shange Z (10 Mfumfu 2016). "Amabutho". Archived from the original on 2018-12-25. Kulandwe ngomhlaka 2018-12-21. Unknown parameter |access date= ignored (|access-date= suggested) (help); Check date values in: |date= (help)
  3. Amangwevu esiZulu Ibanga lesi-8. Shuter & Shooter. 2000. ISBN 0-7960-1480-9. Text " last" ignored (help); Text " et al " ignored (help); Unknown parameter |Last= ignored (|last= suggested) (help); |first1= missing |last1= in Authors list (help)