Umnotho wokwaziswa

Mayelana Wikipedia
Imboni yezindaba iyisibonelo somnotho wokwaziswa.

Umnotho wokwaziswa uchazwa ngokuthi umnotho ogxile kakhulu ebuqhebeqhebeni bokwaziswa nasembonini yokwaziswa, lapho ukwaziswa okuyinto eyigugu khona.[1] Leligama laqhamuka no-Marc Porat, owayengumfundi enyuvesi yaseStanford, futhi kamuva wasungula iGeneral Magic.[2]

U-Manuel Castells uphawula ukuthi umnotho wokwaziswa abuncintisani nomnotho wokukhiqiza. [3] Uveza ukuthi amanye amazwe afana nelamaJalimane nelaseJaphani abonisa ukufakwa kokwaziswa emidludlungweni yokukhoqiza. Kodwana nakuba kunjalo, umnotho wokwaziswa uthathwa njengesigaba somnotho, esilandela ezinye izigaba zokuzingela, Ezolimo, nokukhiqiza. Lesicabangelo siqashelwa kabanzi ngokuqondene nomohakathi wokwaziswa, okuyisicabangelo esihlobene naso kodwana esibanzi kunaso.

Kunezinkondolo ezimbalwa zezinguqulo eminye iminotho okudingeka ibhekane nazo. Umnotho wokhonza, umnotho wobuchwepheshe obuphezulu, ubugombelakwesakhe bakamuva, nomnotho wembulunga ngamanye wamabizo ajinge ukusetshenziswa, nakuba engenelana futhi eziphikisa ngokwawo. Ibizo eliseduze nelithi umnotho wokwaziswa kungaba ngelithi umnotho wolwazi.

imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Coiera, E. (2000-05-01). "Information Economics and the Internet" (in en). Journal of the American Medical Informatics Association 7 (3): 215–221. doi:10.1136/jamia.2000.0070215. ISSN 1067-5027. PMC 61423. PMID 10833157. http://www.pubmedcentral.nih.gov/articlerender.fcgi?tool=pmcentrez&artid=61423. 
  2. Fisher, Adam (2018-08-01). "The Company That Invented the iPhone in 1990". Intelligencer (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2021-08-31.
  3. Castells, Manuel (1997). The information age: Economy, society and culture (3 volumes). Blackwell. p. 1998.