Umtapowolwazi

Mayelana Wikipedia
Igumbi lokufundela lesimanje emtapolwazi womBuso neNyuvesi, e-Denmark

Umtapowolwazi uyisibhidli sezincwadi eziqoqiwe, kanye neminye imibhalo nezinzisakusakaza, konke okufikeleleka kalula ukuba kusetshenziswe amalungu awo namalungu wezinye izikhungo ezimdibi munye wawo. Imitapoyolwazi ivame ukuba nezincwadi eziphathekayo noma ukufikelela kulezo okungezezibhangqiwe, futhi ungaba isakhiwo esisesizeni esithile , noma esikhenkeni sakuxhakaxholo noma kokubili. Isibhidli somtapowolwazi imvama sihlanganisa izinsiza ezishicilelwe okulula ukuba zibolekwe abazifunayo, kanye nomhibatho wamaphatho wezishicilelwa okungavunyelwe ukuba ziphume emtapolwazi nezibukelwa emagcekeni wawo kuphela. Kungenzeka kube neminye imithombo ephathekayo ngezinye izinikino, ezifana namafilimi wezentengiselwano, izinhlelo zikamobonakude, eminye imibukiso eqoshiwe, ezomsakazo, umculo neziqoshwa zezilalwelwa zesinikino se-DVD, Blu-ray, amacwecwe we-CD nekhasetho, singakabali ufikelelo lokwaziswa, umculo noma ezinye iziqikili ezigcinwe kwezizindamniningo zomchazamibhalo.

Imitapolwazi iyahluka ngobungako futhi ingahlelwa ibuye igcinwe indikimba yomphakathi efana nohulumeni, isikhungo (esifana nesikole noma ingodlandlu), umshumanqa, noma umdwambu ongasese. Ngaphezu kokuhlinzeka ngemibhalo, imitapolwazi iphinde ihlinzeke ngezinkonzo zosomtapolwazi abangongcweti abacijisiwe ekutholeni, ekukhetheni, ekujikiliziseni nasekuhleleni ukwaziswa kuyilapho behlakahla izidingo zokwaziswa nasekushulubezeni nasekuhlaziyeni amanani amakhulu okwaziswa anezinsizakusebenza ezinhlobonhlobo.

Izakhiwo zomtapowolwazi zivame ukuba nezindawo ezithile zokufundela, kanye nezindawo ezivamile zokufunda kweqembu nokusebenzisana, futhi zingaba nezinsiza zomphakathi zokufikelela kwizinsizakusebenza zezingabuzuba, ezifana neziCikizi nofikelelo kuxhakaxholo.