Usuku Lwamagugu

Mayelana Wikipedia

Usuku Lwamasiko yiholide lomphakathi wase Ningizimu Afrika eligujwa minyaka yonke ngomhlaka 24 kuMandulo minyaka yonke. Ngalolu suku bonke abantu base Ningizimu Afrika bagubha amasiko abo wonkana. Lolu suku lubalulekile ngoba yilapho bonke abantu baseNingizimu Afrika betshengisa ukuzigqaja kanye nokuziqhenya ngamasiko abo anhlobonhlobo.

Inkosana yaseSwatini
Inkosana yaseSwatini

Ukugujwa koSuku Lwamasiko[hlela | Hlela umthombo]

Ngaphambi kweNkululeko eNingizimu Afrika leli holide labe ligujwa eNatali labe laziwa njenge Shaka Day lapho kwabe kubungazwa khona Inkosi YakwaZulu uShaka kaSenzangakhona owaba negalelo elikhulu ekubumbeni kwesizwe samaZulu ngokuhlanganisa izizwe zakwaZulu ezabe zihlukene. Unyaka nonyaka ngaleli holide abantu bahlangana eThuneni leNkosi uShaka ukutshengisa inhlonipho kuye ngalolu suku. Lolu suku lafakwa ohlwini lwamaholide omphakathi wase Ningizimu Africa ngonyaka ka1995 lapho labe selibiza Ngosuku Lwamasiko.

iBraii Day egujwa ngoSuku Lwamasiko.

Leli holide libalulekile ekwakhene iziswe esiyimbumbe ngoba yilapho ababtu base Ningizimu Afrika bekwazi ukubona izinhlobonhlobo zamasiko zabantu base Ningizimu Afrika. Leli holide libuye libizwe nge "Braai4Heritage" lapho izihlobo, imindeni kanye nabangani behlangana ukuzokosa inyama ngalolu suku.