Usuku Lwamagugu
Usuku Lwamasiko yiholide lomphakathi wase Ningizimu Afrika eligujwa minyaka yonke ngomhlaka 24 kuMandulo minyaka yonke. Ngalolu suku bonke abantu base Ningizimu Afrika bagubha amasiko abo wonkana. Lolu suku lubalulekile ngoba yilapho bonke abantu baseNingizimu Afrika betshengisa ukuzigqaja kanye nokuziqhenya ngamasiko abo anhlobonhlobo.Phela ukuziqhenya ngesiko lakho akusho ukuthi ubukele phansi amanye amasiko ezinye izinhlanga.[Masisi 1]

Ukugujwa koSuku Lwamasiko
[hlela | Hlela umthombo]Ngaphambi kweNkululeko eNingizimu Afrika leli holide labe ligujwa eNatali labe laziwa njenge Shaka Day lapho kwabe kubungazwa khona Inkosi YakwaZulu uShaka kaSenzangakhona owaba negalelo elikhulu ekubumbeni kwesizwe samaZulu ngokuhlanganisa izizwe zakwaZulu ezabe zihlukene. Unyaka nonyaka ngaleli holide abantu bahlangana eThuneni leNkosi uShaka ukutshengisa inhlonipho kuye ngalolu suku. Lolu suku lafakwa ohlwini lwamaholide omphakathi wase Ningizimu Africa ngonyaka ka1995 lapho labe selibiza Ngosuku Lwamasiko.

Leli holide libalulekile ekwakhene iziswe esiyimbumbe ngoba yilapho ababtu base Ningizimu Afrika bekwazi ukubona izinhlobonhlobo zamasiko zabantu base Ningizimu Afrika. Leli holide libuye libizwe nge "Braai4Heritage" lapho izihlobo, imindeni kanye nabangani behlangana ukuzokosa inyama ngalolu suku.
Umlando
[hlela | Hlela umthombo]Esifundazweni saKwaZulu-Natal, usuku lwama-24 kuMandulo lwaziwa njengosuku lokukhumbula uShaka kubantu abaningi, iNkosi yamaZulu yaseNingizimu Afrika, ngosuku lokufa kwakhe ngo-1828.[1][2] UShaka wadlala indima ebalulekile ekuhlanganiseni imindeni ehlukene yamaNguni esizweni samaZulu esihlangene.[3] Unyaka ngamunye abantu bahlangana esikhumbuzweni sika Shaka ukuze bamhloniphe ngalolu suku.[2]
UMthethosivivinywa Wamaholide omphakathi owanikezwa iPhalamende laseNingizimu Afrika laphambilini lobandlululo ngonyaka ka-1994 awuzange uhlanganise u-24 kuMandulo ohlwini lwamaholide omphakathi. Ngenxa yalokhu kukhishwa inyumbazane, i-Inkatha Freedom Party (IFP), iqembu lezombusazwe laseNingizimu Afrika elinabantu abaningi abangamaZulu, liphikisana nomthethosivivinywa. IPhalamende neqembu le-ANC bafinyelela ekuvumelaneni futhi lolu suku lunikezwa isiqu salo samanje futhi lwamukelwa njengeholide lomphakathi manje elaziwa ngokuthi usuku lwamagugu.[1]
- ↑ Masisi
<ref> tags exist for a group named "Masisi", but no corresponding <references group="Masisi"/> tag was found
- 1 2 Jethro 2020.
- 1 2 Erasmus 2014.
- ↑ Reed 2015.