Isikhumbuzo seNkosi uShaka

Mayelana Wikipedia

Isikhumbuzo seNkosi uShaka yindawo eyifa esesifundazweni saKwaZulu-Natali eNingizimu Afrika. Kulendawo yilapho kulele khona Ilembe Eleqa Amanye Amalembe Inkosi Yesizwe samaZulu uShaka kaSenazangakhona maduzane nendawo lapho abulawo khona ngabofowabo okwakungu Dingane kanye noMhlangana. Bambulalela endaweni yakwaDukuza mhla zingama-22 kuMandulo we-1828 ehlezi edwaleni[1]. Lelitshe lesikhumbuzo lakhiwa endaweni yaseNewcastle lamiswa ngonyaka we-1932 eduze nedlinza lakhe uShaka. [2]

Ngaphambi kweNkululeko eNingizimu Afrika Usuku Lwamagugu labe laziwa njengeShaka Day eNatali lapho kwabe kubungazwa khona Inkosi YakwaZulu uShaka kaSenzangakhona owaba negalelo elikhulu ekubunjweni kwesizwe sakwaZulu nangokuhlanganisa izizwe zakwaZulu ezabe zihlukene. Unyaka nonyaka ngaleli holide abantu bahlangana khona esikhumbuzweni seNkosi uShaka ukutshengisa inhlonipho kuye ngalolu suku[3]

Igalari[hlela | Hlela umthombo]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]