Usuku lokubuyisana
Ummomo

Usuku Lokubuyisana phecelezi i-Day of Reconciliation umvalo womphakathi ogujwa mhla zili-16 kuDisemba eNingizimu Afrika minyaka yonke. Lolu suku lwaba semthethweni ngonyaka we-1994 inhloso yalo kungukubuyisana nobumbano eNingizimu Afrika. Ngesikhathi sobandlululo lolu suku labe lubizwa ngoSuku lukaDingane Dingaan Day eNatali. Kuzwelonke amaBhunu abe elubiza ngosuku lesifungo Day of the Vow. Lolu suku kwabe kuwumvalo lapho amaBhunu abe ebungaza khona ukuhlula amaZulu Empini yaseNcome (IsiNgisi: Battle of Blood River) nge-1838. Ngakwicala lezombusazwe ngalolu suku kubungazwa ukubunjwa ko-uMkhonto we sizwe owasungulwa nge-1961 yiqembu le-African National Congress (ANC).