AmaBhungane

Mayelana Wikipedia
Omunye wabasunguli ba-AmaBhungane osebenzisana futhi ophethe, uStefaans Brümmer kanye nabaphathi bephephandaba eliphuma kanye ngesonto laseNingizimu Afrika i- Mail & Guardian eliqukethe izindaba zamahlazo aziwa ngokuthi yi-"Oilgate" izindaba zoshicilelo olusukela ngoMeyi 27 nango-Agasti 5, 2005.

AmaBhungane yinhlangano yezintatheli yophenyo egxila kakhulu ekudaluleni inkohlakalo yezezimali kwezepolitiki eNingizimu Afrika kanye namazwe angomakhelwane. Umsunguli uthi igama labo lisho ukuthi “ibhungane lendle” ngesiZulu, [1] ulimi lwendabuko olukhulu lwaseNingizimu Afrika. Bathi "bamba indle, ukuvundisa intando yeningi (idimokhrasi)."

Uphenyo lwabo lokuveza amaahlazo e-"#GuptaLeaks" luveze izindaba eziningi eminyakeni edlule ezembula inkohlakalo yezimali enkulu kwezepolitiki kuhulumeni waseNingizimu Afrika, imisebenzi yabo yophenyo yamukelwa ngemiklomelo eminingi yokuhlonishwa kophenyo lobuntatheli. Le mibiko ikhombise ukuthi umndeni wakwaGupta "uthumbe umbuso" ngobungani bawo nalowo owayenguMongameli uZuma futhi kubukeka sengathi unomthelela ekuhlulweni kwe-ANC kukhetho luka-2016 kumadolobha amakhulukazi aseNingizimu Afrika, ukwehlulwa kukaZuma njengoMongameli we-African National Congress ngomhla ka 18 Disemba 2017 kanye nokwesula kukaZuma esikhundleni sokuba yinhloko yombuso ngomhla ka 14 kuFebhuwari 2018. Baphinde baba nomthelela ekudululweni kwe-Paradise Papers [2] neminye imibiko eminingi ephathelene nomnotho wezepolitiki waseNingizimu Afrika.

Imiklomelo[hlela | Hlela umthombo]

Lokhu okulandelayo kubandakanya imiklomelo embalwa enikezwe amaBhungane namalungu eqembu labo:

  • NgoMashi 19, 2018: "Izintatheli eziyi-19 ezivela kuMaBhungane, iDaily Maverick neNews24, zathola umklomelo weTaco Kuiper Award ka-2017 ngomsebenzi wazo omuhle kakhulu wobuntatheli bokuphenya ngokudalulwa kwama-imeyili ngamahlazo amaGupta, okwaziwa nangokuthi yi- #GuptaLeaks." Kuthiwa i-Taco Kuiper umklomelo omkhulukazi kunamanye waseNingizimu Afrika wophenyo lobuntatheli.
  • 16 Novemba 2017: AmaBhungane abelana ngomklomelo wonyaka wobuntatheli waseVodacom owaziwa ngelokuthi yi- 2017 Vodacom Journalist of the Year Award / kwisigaba sezomnotho kanye Daily Maverick futhi News24 ngochungechunge lwama #GuptaLeaks.
  • Ngomhlaka 28 June 2017: USusan Comrie noCraig McKune, abaphenyi bamaBhungane, bawina imiklomelo yonyaka yomlobi wonyaka owaziwa ngelokuthi yi-2016 Sanlam Financial Journalist of the Year kanye ne-Online Financial Journalist of the Year, ngokulandelana.

Amanothi[hlela | Hlela umthombo]

  1. As of 2018-08-21 Google Translate rendered "amaBhungane" as “butterfly”. Clearly, that's not the translation intended by the founders of amaBhungane. One suspects that this word may mean different things in different local dialects of Zulu.
  2. "amaBhungane - Paradise Papers: SA names aplenty in massive new tax haven leak" (in i-English). Archived from the original on 2017-11-09. Kulandwe ngomhlaka 2017-11-16.

Bheka futhi[hlela | Hlela umthombo]

  • Ukulandelelwa kweningi labantu ngobunhloli eNingizimu Afrika i-Mass surveillance in South Africa