Dlamini

Elithi UDlamini liyisibongo,esijwayelekile Eswatini nasezingxenyeni ezingomakhelwane njengeNingizimu Afrika.[1] Iningi labantu abongoDlamini ngokwesibongo, bayingxenye yomlibo wakwaDlamini.
uMlando
[hlela | Hlela umthombo]AbakwaDlamini umlando wabo bawususela kunkulunkulu wabo owayaziwa ngokuthi uDlamini wokuqala, owaziwa nangokuthi uMatalatala, ongukhokho omkhulu wakwaDlamini.[2] AbakwaDlamini bangamaNguni aseMbo ngokwezigaba zamaNguni Umsuka wabo waseSwatini uhamba kanje, kuthiwa ngeminyaka yawo 1500 babeseKenya hlala khona basebefuduka njengabantu bonke behlela eMozambique, bahlushwa amaPutukezi basuka baya kwaNgwane ngeminyaka yabo 1600. Ngeminyaka yabo 1700 base begcwala amazwe onke njengoba bebaningi eZimbabwe eMzansi nasezindaweni zonke. Bonke oDlamini umhlaba wonke bahlobene, Dlamini waseZimbabwe uhlobene noDlamini waseKoloni ngisho izithakazelo zingangafana nehubo kodwa igazi lilodwa.
Izibongo abahlobene nazo zihlanganisa lezi: Magongo, Ngwane, Zikhali, Mavuso, Bhengu, Malambule, Mbheki, Phungula, Mkhize, Ndwandwe, Shabalala, Shongwe, Mtimande, Kunene, Madonsela, Hlongwane, Maseko, Mtolo, Sibalukhulu, Mzizi, Nkosi, Cwazibe, Cwerha, Mdlovu, Mabuza, Mabizela, Magudulela, Dlangamandla, Zondi, Ngesi, Mahlalela, Maziya nezinye eziningi.
Inkosi yakwaMkhize uTilongo yaya ekhaya kwaDlamini yafike yathatha intombi khona, kwenziwa usiko lokuqeda ubuhlobo ukuze umsamo ungabhedi. Emva kwalokho baphela ubuhlobo sebeyaganana. Dlamini mthathe uMkhize anisahlobene. KwaZulu kwenzekile inkosi uJama yaganwa okaManyelela uMthaniya wakwaSbiya, babehlobene baqedwa ubuhlobo kwahlatshwa imbuzi emhlophe keayiwa emalibeni namagula abulawa kwakhulunywa neziNyandezulu kwaqedwa ubuhlobo. UmaZulu useyagana kwaSbiya. Izindlu zakwaDlamini zinhlanu:
- Indlu Ekunene
- Indlu yaseMakhuzeni
- Indlu yakwaBhidla
- Indlu yaseSphahleni
- Indlu yaseNhlangwini
AMalangeni yiyona Mboni ekhiqiza izbongo exinkulu ezigcwele lapha kwaZulu njengeesakwaZulu, uNdwandwe, uMkhize, AMaHlubi, kanye nabo bonke oDlamini abalapha kwelikaMthaniya. Ucabange futhi ngoGumede kaSqakatha waseButhonga okphuma kuyena uManukuza noMuhali. Ulibo lwaMalangeni!! Mkhulunkosi UKuwawawa UKulwamba USidwabasiluthuli UNkosi l(wokuqala) UNgwanel(wokuqala) UCebisa UDlamini l(kulo Dlamini wokuqala kuphuma bonke oDlamini baseNatali kanye namaHlubi) USihubu UNkubingwe UMbolo UMswati l (wokuqala) USikhulumaloyo UMsimude UZamukethi UNkomokabako UNkosi 2(wesibili) ULanga( lapha kuphuma abakwaMkhize noGumede waseButhonga) UDlamini waseSwazini, yilo okuthiwa nguMlangeni.Bonke oDlamini basebukhosini baseSwazini kuthiwa ngaMalangeni. Ingakho phela uye uzwe umnaka lo owethula isimo selitulo(isimo sezulu) ethi ‘nina Malangeni lamahle’. Babuye babizwe ngokuthi ngabakwaNkosi
Izithakazelo
[hlela | Hlela umthombo]Dlamini, Hlubi, Nkosi Ludonga laMavuso Abayembo babuyelela Sidwaba sikaLuthuli Wena esingangcwaba sibuye noMlandakazi Abawela ubombo ngokuhlehletela Nina bakaSobhuza uSomhlolo UMswati kaSobhuza Mlangeni Nina bakwakusa neLanga Lokothwana Sibalukhulu Nina besicoco sangenhlana Nina bekuNene
ABASEMAZIZINI BONA
[hlela | Hlela umthombo]Mzizi Dlamini Jama kaSjadu MTIKITIKI GUBUNGULASHE NDABAZAMTHETHWA NSUKUNSUKU NTABAYENYUKA SANDLULABA NINA BENGWANE NIBA SESICOCO SANGENHLANA NINA BEKUNENE. BATHAKAZELA KANJENA ODLAMINI LATHA DLAMINI LATHA CWAZIBE NONDABA MDINWA NINA ABAKWAMBETHELELI NINA ENABHALA NGOPHAPHE ABANYE BEBHALA NGEPENSELA! Dlamini Sibalukhulu Sibalukhulu, Mdlovu, Magaduzela, Magaga kaNsele, Wena owashisa umuntu ngesikhuni esibunjini kwaze kwasa eyobayoba, Mgoqo ovimb'esangweni nansi impi, Izwe lafa ngathini na? Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni, Mdzineka, Magaduzela, Sihlangu sinye, wena waka Fodzo KaNombewu kaMakata, Miskofin, Sobhuza, Buhlal'obudze
Osaziwayo
[hlela | Hlela umthombo]- Indlu yakwaDlamini : Umndeni wasebukhosini obusayo eSwatini
- Absalom Dlamini
- Amalaratna Zandile Dlamini, aka Doja Cat
- Ayanda Dlamini
- UBarnabas Sibusiso Dlamini
- UBarnes Dlamini
- Bathabile Dlamini
- Bheki Dlamini
- Bhekimpi Dlamini
- UMntwana uCedza Dlamini
- Dlamini King Brothers
- UMntwana uGuduza Dlamini
- Jacob Zambuhle Bhekuyise Dlamini
- UMntwana uJameson Mbilini Dlamini
- Lutfo Dlamini
- UMntwana Dlamini
- UMntwana uMakhosini Dlamini
- Malungisa Dlamini
- INdlovukazi uMantfombi Dlamini-Zulu, umlingani kaGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, inkosi yamaZulu ebusayo
- Maphevu Dlamini
- UMaxwell Dlamini, umongameli weSwaziland National Union of Students
- UMbandzeni (owaziwa nangokuthi uDlamini IV)
- INkosana uMfanasibili waseSwazini (phambilini uMfanasibili Dlamini)
- Mfanzile Dlamini
- Moses Mathendele Dlamini
- Mphiwa Dlamini
- Inkosi uMswati III (owazalwa eyiNkosana uMakhosetive Dlamini)
- Nhlanhla Dlamini
- UNicholas Dlamini, umgijimi oqeqeshiwe wamabhayisikili
- Nkosazana Dlamini-Zuma
- UNkosing'phile Dlamini, ongenele uMiss World
- Obed Dlamini
- Phesheya Mbongeni Dlamini
- Phinda Dlamini
- Phindiwe Sangweni, ozelwe njengo HRH Princess Phindiwe Rita Dlamini
- INdlovukazi uSibongile Winifred Dlamini-Zulu, umlingani kaGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, inkosi yamaZulu ebusayo
- Sibusiso Dlamini
- Inkosazana uSikhanyiso Dlamini
- Sihawu Dlamini
- Siza Dlamini
- Inkosi uSobhuza I (Ngwane IV) Dlamini
- Sotsha Dlamini
- UMntwana uSozisa Dlamini
- Stanley Dlamini, umphathi webutho lezokuvikela Umbutfo Eswatini
- Themba Dlamini
- UZanele Dlamini Mbeki, owayeyiNkosikazi kaMengameli waseNingizimu Afrika
- Zola, aka Bonginkosi Dlamini
- ↑ "What's in a name?". www.statssa.gov.za. Kulandwe ngomhlaka 2023-05-28.
- ↑ Grace, The (2022-10-03). "Dlamini Clan Names". The Grace (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2023-05-28.