Jump to content

EKuphumuleni Nazareth Baptist Church

Mayelana Wikipedia

EKuphumuleni imuzi wamaNazaretha omkhulu okwaHhaza endaweni yase-Howick. Lo muzi wakhiwa uMprofethi u-BL Shelembe owayeyiSiyoni ngokuyalelwa yizwi likaNkulunkulu. Kwahamba isikhathi izwi lamthuma eKuphakameni eNkosini iLanga lapho afike abhabhadiswa khona wamukela inkolo yobuNazaretha. Wabe eseba uMfundisi waseKuphakameni obheke umuzi waseKuphumuleni owabe usunjengethempeli elingaphansi koKuphakama.

Kwenye yezintshumayelo zakhe eKuphumuleni wakhuluma ngokuqambeka komuzi wathi "maNazaretha lapha kuthiwa iseKuphumuleni ngoba ubuNazaretha busaphumule siyeza isikhathi lapho buzosukuma khona".

Njengamanje ibandla lamaNazaretha aseKuphumuleni selihlukene laba yizinhlangothi ezimbili, kukhona amaNazaretha asala KwaHhaza aholwa yiNkosi u-Alpha Shelembe (Inkanyezi Yokusa) bese kuba khona aseMaqongqo aholwa iNkosi uLizwi Shelembe. Womabili lawa ngamadodana kaBaba u-BL Shelembe.