EkuPhakameni
Appearance
eKuPhakameni umuzi oyikomkhulu leBandla LamaNazaretha, osendaweni yaseNanda, KwaZulu Natali. INkosi u-Isaiah Shembe owasungula leli hlelo ngo-1910, wathenga indawo yebandla kulendawo wayibiza ngokuthi iseKuPhakameni (indawo yokufukula ngokomoya) . UShembe wakhothama ngo-1935 wafihlwa eKuPhakameni kanti iliba lakhe lithathwa njengendawo engcwele. Imikhosi emikhulu ibanjwa khona ngoMasingana, ngoMbasa, ngoNtulikazi nangoMandulo minyaka yonke.

| Izwe | INingizimu Afrika |
| Isifundazwe | IKwaZulu-Natali |
| Umasipala | eThekwini |
| Uhulumeni | African National Congress |