Jump to content

UMphrofethi uBhekinduna L. Shelembe

Mayelana Wikipedia

Prophet_B.L_Shelembe

UMprofethi u-BL Shelembe (uJika, iNkosi yaseKuphumuleni noma uMhlalineziyoni) wayengumsunguli weBandla lamaNazaretha aseKuphumuleni elinekomkhulu endaweni KwaHhaza, e-Howick.Ngaphambi kokuhola ibandla laseKuphumuleni waba ngumfundisi welinye lamabandla aseSiyoni.[1] Ngokuyalelwa yizwi likaNkulunkulu wagcina esephendukele enkolweni yobuNazaretha kusukela ngo-1970. Leli bandla laqala ukuzimela qekelele kusukela ngeminyaka yawo-1978 emumva kwezogameko ezenzeka eKuphakameni ezelama ukukhothama kweNkosi u-JG Shembe ngoZibandlela 1976.

Ngokwamabandla aseKuphumuleni kanye nabaseKhayalamabandla uMprofethi uShelembe uyena owalandela iNkosi iLanga ngokuthunywa yizwi likaNkulunkulu ukufundisa amaNazaretha.

Ukuzalwa nempilo yobuntwana[hlela | Hlela umthombo]

Wazalelwa endaweni yaKwaZulu ezalwa uyise uLesheni Shelembe nonina u-Amaliya Bhengu. Wazalwa enesici esingajwayelekile enye indlebe yakhe yabe isikekile. Ekukhuleni kwakhe wagcina esebethusa abazali bakhe uma ebetshela ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma kule ndlebe yakhe esikekile.

Kwahamba esikhathi umuzi wakubo wathutha KwaZulu bagcina sebehlala emapulazini aseMlambomunye. Naye wakhulela kuyona le ndawo usebenzela iBhunu lepulazi.

Ngokwenkolo kubo babekhonza eSiyoni, uyise wabe engumprofethi nombhishobhu webandla. Nokho emumva kokuzalwa kukaBhekinduna amandla okuprofetha aya ngokuncipha kuyise, aya ngokwanda kuyena. UNkulunkulu wayeke ambizele ezintabeni nasezizibeni eziyingozi nokwakubethusa kakhulu abomndeni nabantu bomphakathi.

Ubufundisi bakhe[hlela | Hlela umthombo]

Esekhulile kwaya ayangokubabazeka amandla kaNkulunkulu ayekuyena. Wayefundisa kakhulu ngezwi likaNkulunkulu futhi ephrofetha into ezokwenzeka, nangempela igcine yenzekile. Laya ngokukhula kakhulu ibandla laseSiyoni wagcina esegcotshelwe ubufundisi kulona.

Izixhimanisi zangaphandle[hlela | Hlela umthombo]

  1. https://vymaps.com/ZA/Ekuphumuleni-Nazareth-Baptist-Church-434524329970888/ Article, 6th Sentence.