iButswana
IButswana |
|||||
|---|---|---|---|---|---|
| Isaga: Pula (Imvula) | |||||
| Inkondlo: Fatshe leno la rona (Isizwe yethu) |
|||||
| Isiqongo (futhi idolobha elikhulu) | IGaborone | ||||
| Izilimi | IsiNgisi, isiTswana | ||||
| Abantu | Batswana | ||||
| Government | IRiphabliki wephalamendi | ||||
| - | Umongameli | Ian Khama | |||
| - | Isekela | Mompati Merafhe | |||
| Ukwenza | |||||
| - | Ahlukana wOmbuso Ohlengeneyo | 30 ngoMandulo 1966 | |||
| Ubukhulu | |||||
| - | Jikelele | 581,730 km2 (47) 224,610 sq mi |
|||
| Inani labantu | |||||
| - | 2016 ukulinganisa | 2,250,260 (145) | |||
| - | 2011 uhlolovo | 2,038,228 | |||
| - | Ixuku labantu | 3.7/km2 9.6/sq mi |
|||
| Imali | iPula (BWP) | ||||
iButswana (ngesiTswana: Botswana, ngokomthetho: iRiphabhuliki yaseButswana) iyilizwe eningizemeni yelizwekazi lase-Afrika elinemingcele neZambiya ngasenyakatho, iZimbabwe ngasempumalanga, iNingizimu Afrika ngaseningizimu kanye neNamibhiya ngasentshonalanga.
iButswana ithole ukuzimela ngezi-1960. Ngaphambi kwalokhu yayingaphansi kwoMbuso oHlangeneyo ngendlela yokuthi ubudlelwane nezizwe, kanye nezindaba zempi, zazingaphansi kwoMbuso oHlangeneyo. Ngalesosikhathi yayibizwa iBechuanaland. Ngokuba amaBhunu wayehlasela umhlaba wamaTswana, amaTswana avumelane namaNgisi ukuthi awele ngaphansi kwekukhuselwa kwoMbuso oHlangeneyo emuva kokutho amajoni angama-4000 ngaphanse kaColonel Warren athunywe khona emuva kokuthi uJohn Mackenzie ebhalele uhulumeni weKapa Koloni mayelana indlela amabhunu ezama ukuthatha umhlaba waseButswana. Lokho abakwenzanga ngoba banozwelo kepha bebangafuni ukuthi amaBhunu afike emfuleni yaseZambezi.
Ngaphambi kokufika kwabelungu, kwakluhlala amazwe wamaTswana njengabaKwena, abaNgwato, abaNgwaketse, abaKgatla njl. Abantu bomdabu baseButswana bebafuya, bazingela, badoba futhi balima. AbaNtu baqale ukufika ekhulwini lwesikhombisa kulendawo kodwa amazwe okuqala (abaThwa namaKhwe) bebahlala lana amashumi wezinkulungwane kulendawo. Kunobufakazi, njengamathambo, okuthi ama-hominids (izinhlobo zezilo ezazihlobene nabantu bamanje) wayehlala lana imikhulu yezinkulungwane ezandlule.
Iningi lomhlaba waseButswana liyigwadule laseKgalakgadi. Kepha ngasenyakatho duze nomngcele neZambiya, umfula we-Okavango uzala uxhaphozi. Kunjalo, iButswana iyashisa kakhulu futhi imvula ayini kakhulu. Ukwoma lokhu kukhawula ukulima ezweni. Kanjalo umhlaba ukwazi ukwesela inani elincane labantu, namuhla izigidi ezimbili. Isiqongo nenxuluma enkulu yaseButswana, yiGaborone eduze neNingizimu Afrika.
Uhlelo lwezombangazwe uhamba ngentandoyeningi ekuba iPhalamende ekhethwe yizakhamuza ezikhulileyo ikhetha uMengameli. uMengameli uqoka abongqongqoshe bezwe. iNkantolo ePhakeme iyinkantolo esesiqongweni segatsha lobulungiswa. iButswana ayikaze yaba nempi yezakhamuzi, futhi uma ilinganiswa namanye amazwe ase-Afrika inokuthula, amalungelo wabantu ayahlonishwa, futhi inkohlakalo iphansi kakhulu. Ulwimi lwasemthethweni lomdabu, isiTswana, ukhulunywa futhi uwulwimi lwasemththweni naseNingizimu Afrika.
