INgqoqelolwazi ekuxhakaxholo
INgqoqelolwazi ekuxhakaxholo, ebizwa nangokuthi Ingqoqelolwazi yezezibhangqiwe, ingqoqelolwazi efinyeleleka ngoxhakaxholo . Izibonelo zihlanganisa iWikipedia kanye ne-Encyclopædia Britannica.
UkuGuqulela kwezezibhangqiwe kwesiQikili esidala
[hlela | Hlela umthombo]NgoMasingana 1995, i-Project Gutenberg yaqala ukushicilela isiqakaqo se- ASCII ye-Encyclopædia Britannica, uhlelo lwe-11 (1911), kodwa ukungavumelane ngendlelasu esetshenziswayo kwamisa lowo msebenzi emva komqulu wokuqala. Ngezizathu zenhlanga (trademark) lokhu kwashicilelwa kwingqoqelolwazi i-Gutenberg. Kamuva i-Project Gutenberg. I-Project Gutenberg seyishicilele imiqulu ngokohlu losonhlamvu futhi isishicilelo sayo sakamuva sibizwa Volume 17 Slice 8: Matter–Mecklenburg sashicilelwa mhla ziyisi-7 kuNdasa 2013. [1] I-Britannica yakamuva yona yaguqulelwa kwezezibhangqiwe abashicileli bayo, futhi yathengiswa njengecwecwe le-CD-ROM kuqala,[2] ngokulandelayo njengenkonzo yakuxhakaxholo.[3]
Ngonyaka wezi-2001, isiqakaqo se-ASCII sayo yonke imiqulu engama- 28 sashicilelwa ku-Encyclopædia Britannica uhlelo lwe-11[4] ngomthombo; futhi isikwebezo sesivimbekufanisa (copyright) senezelwa emthakweni efakiwe. Leso sizindalwebu asisekho.
Ezinye izinkebengo zokuguqa kwezezibhangqiwe ziye zaqombola kwezinye izihloko. Isibonelo esisodwa i-Easton's Bible Dictionary (1897) eyaguqelwa kwezezibhangqiwe i-Christian Classics Ethereal Library.[5]
Ukuguqulelwa kwezezibhangqiwe okunempumelelo kwaba okwe-Bartleby Project okuyingqoqelolwazi ekuxhakaxholo esuselwa kwi-Columbia Encyclopedia, uhlelo lwesithupha,[6] nokwenzeka ekuqaleni kowezi-2000 futhi ehlelwabusha ngesikhathi esinqunyinyiwe.
Ezinye izizindalwebu zihlinzeka ngezingqoqelolwazi ezikuxhakaxholo, ezinye zazo ezitholakala ku-Wikisource, nokuNgenzeka zibe eziphele kunalezi eziku-Wikisource, noma kube izinhlelo ezihlukile.
- ↑ Various (7 April 2013), Encyclopaedia Britannica, 11th Edition, "Matter" to "Mecklenburg", Project Gutenberg, http://www.gutenberg.org/ebooks/42473
- ↑ manje sekuyicwecwe le-DVD — "Store software". Britannica Encyclopædia. Archived from the original on 4 November 2021. Kulandwe ngomhlaka 15 January 2019.
- ↑ "Main page". Britannica Encyclopædia. Kulandwe ngomhlaka 15 January 2019.
- ↑ "LoveToKnow Classic Encyclopedia". Archived from the original on 27 September 2001. Kulandwe ngomhlaka 8 August 2005. Unknown parameter
|url-status=
ignored (help) - ↑ "Easton's Bible Dictionary by Easton". Archived from the original on 2003-08-03. Kulandwe ngomhlaka 2003-06-18. Unknown parameter
|url-status=
ignored (help) - ↑ "Columbia Encyclopedia, Sixth Edition. 2001". Archived from the original on 2002-02-05. Kulandwe ngomhlaka 2002-02-05. Unknown parameter
|url-status=
ignored (help)