INgqoqelolwazi

Mayelana Wikipedia
Imiqulu yohlelo lwe-15 lwe- Encyclopædia Britannica (nomqulu wonyaka ka-2002) athatha anathala amabili ezincwadi emtatsheni wezincwadi.
Ikhasi lesihloko se- Lucubrations, uhlelo lwango-1541, enye yezincwadi zokuqala ukusebenzisa umxhantela wegama INgqoqelolwazi esihlokweni.

INgqoqelolwazi iyincwadi yamaphatho noma iqoqovane elinikeza izifinyezo zolwazi olujwayelekile noma olukhethekile emkhakheni othile noma isifundo. Izingqoqelokwazi zihlukaniswe zaba izibhalwa noma izifako ezihlelwe ngokwabosonhlamvu bamagama ezihloko noma ngeminxa yezihloko, noma akhongcoziwe futhi ayahlwayeka ngofikelelo olungahleliwe. [1] Ngokuvamile, izibhalwa zengqoqelolwazi zigxila ekwazisweni okuyiqiniso okumayelana nendaba eshiwo esihlokweni sesebhalwai; lokhu akufani nezifako zesichazamazwi, ezigxile ekwazisweni kolimi okumayelana namagama, njengemsuka yawo, incazelo, ukuphimisela, ukusetshenziswa, kanye nezinhlobo zohlelo lolimi.

Izingqoqelolwazi bezilokhu zikhona iminyaka engaba yizi-2,000 futhi kuleso sikhathi ziye zathuthuka kakhulu ngokolimi (ezibhalwayo ngolimi olukhulu noma oluncane), ubungako (imiqulu embalwa noma eminingi), inhloso (ezethula ulwazi lonke noma olukhawuliwe), imibono engokwesiko (ezinegunya, ezenkolelombono, ezifundisayo, eziwusizo), ngababhali (iziqu zabo, nohlobo lokubhala), ngabafundi, (izinga lemfundo, isizinda, abakuthandayo, namakhono), kanye nangezobuchwepheshe ezikhona ukuze zishicilelwe futhi zisabalaliswe (imibhalo yesandla, ushicilelo olukhulu noma oluncane, uxhakaxholo). Njengemithombo oyigugu nothembekayo oqoqwe izingcweti, izishicilelo zithola indawo ephambili emtatsheni yolwazi, ezikoleni nakwezinye izikhungo zemfundo.

Ukuvela kwezinhlobo zemithombevulekile nezezibhangqiwe kulelikhulu lama-21, ezifana neWikipedia, kukukhulise kakhulu ukufikelelwa, abafundi, abalobi kanye nezifako zengqoqelolwazi ezihlukene.

uMsuka wegama[hlela | Hlela umthombo]

Igama elithi 'ingqoqelolwazi' livela ekuhlanganisweni kwamagama amabili, elithi "ingqoqelelo" nelithi "ulwazi", womabili asho ulwazi oluqoqiwe, noma iqoqo lolwazi nemfundo. Lendlela iwukuhumusha kwelesigriki okususelwa kulo elesingisi elithi encyclopedia, ngokwezwi nezwi elisho imfundo evamile noma ulwazi oluphelele.

Izici zayo[hlela | Hlela umthombo]

INgqoqelolwazi yanamuhla yathuthukiswa kusuka encwadini yesichazamazwi ekhulwini le-18. Ngokomlando , kokubili iziNgqoqelolwazi neziChazamazwi ziye zacwaningwa futhi zalotshwa izingcweti zesiqikili ezifunde zagogoda, kodwa azifani indlela uhlaka lwazo oluhlelwe ngayo. IsiChazamazwi siwumsebenzi wolimi ngokuyinhloko ogxile ohlwini losonhlamvukazi bamazwi nezincasiselo zawo . Amabizo amqondofana Kanye nalawo ahlobene nawo ngesihloko ahlakazeka yonke indawo phakathi kuso, ngaphandle kokuwaqoqa kube indaba eyodwa ejulile. Ngaleyondlela, isiChazamazwi sivame ukuba nokwaziswa, inhlaziyo nesizinda okulinganiselwe ngezwi elichasiswayo. Nakuba siphana ngencasiselo , sishiya umfundi waso entula ukuqonda incazelo, ubumqoka nemikhawulo yebizo, kanye nokuthi lelo bizo lihlobana kanjani nomkhakha wolwazi obanzi.l

  1. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named DOLencyclopedia