INguqulo yezezibhangqiwe

Mayelana Wikipedia

Computer_home_station

INguqulo yezezibhangqiwe (eyaziwa nangokuthi INguqulo yezeMboni yesithathu ) iwukugudla kusuka ebuchwephesheni besizubisi senzuko nobuchwepheshe benguxa kuya ezizubisini zezezibhangqiwe ezaqala engxenyeni yokugcina yekhulu lama-20, lapho kwamukelwa futhi kwanda izicikizi zezezibhangqiwe nokugcinwa kweziqoshwa zezezibhangqiwe , okuqhubeka kuze kube namuhla. Ngesinyelela, leli bizo libuye libhekisele nasoshintshweni olukhukhula kwasani olwalethwa ukucikiza kwezezibhangqiwe nezobuchwepheshe zokuxhumana kuleyo nkathi. Kusuka kwiNguqulo yezoLimo (emva kwenkathi yeTshe) kanye neNguqulo yeziMboni yokuqala (1770-1840), INguqulo yezezibhangqiwe yaohawula ukuqala kwenkathi yoKwaziswa.

Okumqoka kulenguqulo ukukhiqizwa ngobuningi nokusetshenziswa kabanzi komhluza wezezibhangqiwe (digital logic), iziqhebanzuba ze-MOS, amazubela wentandelo edidiyelwe, nobuchwepheshe obususelwa kuzo, kuhlanganisa nezicikizi, izidludlungincinci (microprocessors), omakhalekhukhwini bezezibhangqiwe, noxhakaxholo. Lolu candululo lwezobuchwepheshe seluguqule ukukhiqizwa okwamukelwe nobuchule bokuhweba.

INguqulo yeziMboni yesithathu izolandelwa INguqulo yeziMboni yesine.