Umfeketho
Umfeketho kuyinhlanganisela yobuqhebeqhebe eyenzelwa ukuzilibazisa.[1] Umfeketho noma ukufeketha kuvame ukuyamaniswa nezingane nobuqhebeqhebe ebusezingeni lazo, kodwa bungenziwa nanoma nangabantu abasezigabeni ezihlukene zokuphila, kuyenziwa nayizilwane ezinokuhlakanipha, ikakhulukazi izilwane ezincelisayo nezinyoni.
Ukufektha kuvame ukuhlakahlwa njengokuntela; nokho umdlali angahlozinga empokophelweni yakhe, ikakhulukazi lapho ukudlala kuhleliwe futhi kubhekiswe emgomeni, njengasemdlalweni. Ngakho-ke, umfeketho ungahluka kusuka kovovonono, ohalahala, ozenzakalelayo, nontelayo kuya kohleliwe noma ngisho nobhamazelayo.[2] Ukufeketha akubona ubuqhebeqhebe nje bokuzilibazisa; kunodliki lokusebenza njengethuluzi elibalulekile ezicini eziningi zokuphila kwansuku zonke entsheni, kwabadala, kanye nezinhlobo zeziphili ezisezingeni eliphezulu (ezibuchophokhulu). Akukhona nje ukuthi umfeketho uqhakambisa futhi ulekelele ekukhuleni okungokomzimba (njengokuxhumana kwesandla namehlo), kodwa futhi usiza ekukhuleni kokuqonda namakhono wokuxhumana, futhi ungaba isinyathelo sokudidiyelwa, okungaba inqubo ecindezelayo kakhulu. Ukudlala yinto izingane eziningi ezihlanganyela kuyo, kodwa indlela ukufeketha okwenziwa ngayo ihlukile phakathi kwamasiko, futhi indlela izingane ezihlanganyela ngayo ekufeketheni iyahlukahluka.
Incasiselo
[hlela | Hlela umthombo]Umbhalo oyinhloko emkhakheni wezifundo zokudlala uyincwadi ethi I-Homo Ludens eyashicilelwa okokuqala ngowe-1944 nezinhlelo eziningana ezalandela, lapho UJohan Huizinga echaza khona umfeketho ngalendlela elandelayo: : 13: 13 Template:Quote