Impango yasePhalaphala yangowezi-2020

Mayelana Wikipedia

Ukuphangwa okwenzeka ePhalaPhala ngoLwezi-2020 noma impango yasePhalaphala yangowezi-2020 kwaba ukugqekezwa kwepulazi elisisulu likaMengameli waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa iPhalaPhala ngaseBela -Bela, eLimpopo, eNingizimu Afrika.[1][2][3] Lesigameko senzeka mhla ziyi-9 kuNhlolanja 2020 lapho okwebiwa khona isamba semali esingaziwa. UMnumzane Arthur Fraser, owangumphathi-jikelele womnyango wokuhlumeleliswa kwesimilo namajele wathi kwebiwa imali engamadola waseMelika ayizigidi ezi-4 (izigidi ezingama-60 zamarandi aseNingizimu afrika) eyayingabikiwe ukuthi ikuleli.[4][5][6] Kodwa, imibiko eyalandela yakhomba ukuthi imali eyebiwe kwakungamadola ayisamba esingama- $580 000[7] URamaphosa waphika wama- ngekhanda,[8] futhi wathi uzodlulisa umbiko wethimba eliqokwe iphalemende ukuze ubuyekezwe ngokomthetho. Lombiko wakhululwa ngowezi-2022 futhi wamsola "ngokungaziphathi ngendlela efanele isikhundla sakhe." [8]

uMongo[hlela | Hlela umthombo]

Mhla zilu-1 kuNhlaba 2022, lowo oyengumphathi-jikelele wezokuVikelwa komBuso, uArthur Fraser,[9] wafaka isimangalo secala ngokumelene no-Cyril Ramaphosa ngokuphazamisa ingalo yomthetho ngokuthi ephule UMthetho wokuvinjwa kobuGebengu obuhleliwe wangowe-1998, kanye nomthetho wokuvinjwa kwezenzo zokukhwabanisa wongowezi-2004.[10] Isimangalo sika-Fraser saveza ukuthi isamba samadola ayizigidi ezi-4 (ezilingana namarandi ayizigidi ezingama-62)[11] eyayigxishwe ngaphakathi kosofa zebiwa emzini ka-Ramaphosa osepulazini elisePhalaPhala elikumkhandlu wesifunda i-Waterberg ,[12] “cishe" ngomhla ziyi-9 kuNhlolanja 2020.[13] Saqhubeka saveza nokuthi umengameli akawabikelanga amaphoyisa ngalobulelesi nokuthi ukuba khona kwesamba esikhulu salenkece yangaphandle kwakungabikiwe kwibhangengodla ngokulandela umthetho. Isimangalo sikaFraser saveza nokuthi abasolwa abahileleke ekwebeni bathunjwa ukuze bayohlonywa ngemibuzo.[10] epulazini[14] futhi bakhokhelwa ukuba bangasithi vo! nakancane kunoma ubani lesehlakalo.[11] Abasemagunyeni eNamibiya bahlonza abasolwa ababandakanyeka ekwebeni lungakaziwa loludaba kodwa baluthalalisa emva kwezicelo zezingede zokuvikela zaseNingizimu afrika..[15]

Imithombo eseduze nomengameli yona yaveza ukuthi nakuba ukwebiwa kwemali kwenzeka epulazini, isamba semali esibandakanyekayo sasiphansi kunaleso esivezwa uFraser nokuthi yonke leyomali yazuzwa ngokusemthethweni kolundela ukudayiswa kwezinkomo zama-ankole.[11] URamaposa wathi akasibikanga lesigameko sokweba ukuze agweme ukuba imbangela yokuyaluza emphakathini wabalimi kodwa kunalokho kwaba ngcono ukuba abophiko labalindi bakamongameli kube yibo abaphenya lesehlakalo sokweba.[11]

Ukugqekezwa okusolwayo kwangowezi-2020[hlela | Hlela umthombo]

Kusuka ezinsolweni nasemacaleni avulwa ngu-Arthur Fraser, nazi izehlakalo ezenzeka: umsebenzi wasendlini oqashwe epulazini ePhala Phala wavubukula inkece yangaphandle kwezwe ithukuswe empahleni yasendlini.[16] Lomsebenzi ube hlala ngaphandle kwepulazi emzini wase-Cyferskyl.[16] Kunesibalo esikhulu sabantu baseNamibiya esihlala kulomuzi futhi badabuka kulabo ababelwa besohlangothini loMbutho wezokuVikela wasNingizimu Afrika ngesikhathi seMpi yaseNingizimu Afrika yaseMgceleni bagcina sebehlala kuleli ngemuva konyaka we-1989.[16] Waxoxa ngakutholile nabanye bomakhelwane bakhe abamxhumanisa nabanye abantu baseNamibiya abahlala eKapa, abangamsiza.[16] Ukugqekezwa kwenzeka ngobusuku bukaNhlolanja 9 2020, ngehora le-10. U-Fraser uthi sonke lesenzakalo saqoshwa uhlelo lwe-CCTV.[16] Abagqekezi ekuqaleni bagqekeza bangena egumbini okungelona futhi kwadingeka basizwe ngomsebenzi wasendlini ukuba hate egumbini elifanele.[16] Emva kokugqekezwa, khona babalekela eKapa.[16] Lapho kutholakala ukuthi kugqekeziwe, inhloko yophiko lwezoVikelwa kukaMongameli uJenene-nduna u-Wally Rhoode kuthiwa wabandkanyeka, eyalezwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ukuba aphenye.[16] Ekugcineni abasolwa batholwa eKapa ngemuva kokuhlonywa ngemibuzo lomsebenzi wasendlini nasekuhlolweni kukamakhalekhikhini wakhe ukuba awunayo yini imiyalezo nabagqekezi.[16] eKapa, abagqekezi bashintsha inkece yangaphandle kwaba ngamaRandi waseNingizimu Afrika endaweni yokuNana imali yamaShayina.[17] U-Fraser uthi abasolwa bahlonywa imibuzo, futhi imali eyayisele yabuyiswa, futhi abagqekezi bakhokhelwa ngemali eyizi-R150,000.[16] Ngokungenani oyedwa wabagqekezi wahlonywa imibuzo ngo-Rhoode ekwelaseNamibiya.[16] Lokhu kwenzeka ngenxa yokungenelela kukaRamaphosa kanye noMengameli waseNamibiya uHage Geingob. Umsebenzi wasendlini yena kusolwa ukuthi waxoshwa khona kamuva waqashwa futhi wayesekhokhelwa imali engamadola angu-$150,000.

  1. Sadike, Mashudu. "Cyril Ramaphosa denies involvement in crime after R60m stolen from his Phala Phala farm". www.iol.co.za (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-08.
  2. Davis, Rebecca (2022-06-07). "SPIES R US EXPLAINER: Unpacking the Cyril Ramaphosa home robbery story, and why you should care". Daily Maverick (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-08.
  3. Ndenze, Babalo. "Cele: Presidential Protection Unit head knew about robbery at Ramaphosa farm". ewn.co.za (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-08.
  4. "Hawks take over the probe into the burglary at Ramaphosa's game farm". BusinessLIVE (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-08.
  5. "Ramaphosa to appear before ANC after farm robbery". Moneyweb (in i-English). 2022-06-07. Kulandwe ngomhlaka 2022-06-08.
  6. "Ramaphosa Farm Theft. Give police space to investigate: Cele". www.enca.com (in i-English). Archived from the original on 2022-06-17. Kulandwe ngomhlaka 2022-06-08.
  7. [1]
  8. 8.0 8.1 [2]
  9. "Furore over a theft bedevils the ANC". Moneyweb (in i-English). 2022-06-15. Kulandwe ngomhlaka 2022-06-15.
  10. 10.0 10.1 Daniels, Nicola. "Sars, Reserve Bank mum on Ramaphosa's farmgate". www.iol.co.za (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-15.
  11. 11.0 11.1 11.2 11.3 Haffajee, Ferial (2022-06-02). "SPIES R US: Why Ramaphosa (apparently) kept mum about multimillion-dollar robbery at his farm". Daily Maverick (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-15.
  12. Gerber, Jan. "ANC does not want to 'interfere' with investigations into 'Rama-Phala Phala'". News24 (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-15.
  13. O’Regan, Victoria (2022-06-12). "SPIES R US: Ramaphosa's Farmgate scandal – a timeline of what we know (and don't know) so far". Daily Maverick (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-15.
  14. Bhengu, Cebelihle (15 June 2022). "'We have sides hidden under a mattress. It's a steal' — Nando's throws jab at Ramaphosa's 'farmgate' scandal". TimesLIVE (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-15.
  15. "Ramaphosa 'Farmgate': What we know, what we don't know and why you should care". MSN (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-15.
  16. 16.00 16.01 16.02 16.03 16.04 16.05 16.06 16.07 16.08 16.09 16.10 Jika, Thanduxolo; Makinana, Andisiwe; Nombembe, Philani (5 June 2022). "Did the president break the law?". Sunday Times (South Africa). pp. 1–5.
  17. Daniels, Nicola. "Ramaphosa's farmgate loot splurged in Cape Town". www.iol.co.za (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2022-06-18.