Inhleleliso yesiCikizi

Mayelana Wikipedia
ihleleliso vs. Inqubo vs. Uchungechunge

Inhleleliso yesiCikizi iluchungechunge noma iqoqo lemiyalelo ngolimi lokuhlelelisa ukuze isiCikizi sisebenze . Izinhleleliso zesiCikizi ziyisigcoyi esisodwa sehlelokusebenza, kuhlanganise nomibhalo nezinye izigcoyi ezingaphatheki.


Inhleliso yesicikizi uma isesimweni sokufundwa umuntu ibizwa umkitizo (source code). Umkitizo udinga enye inhleleliso yesicikizi ukuze ugununde ngenxa yokuthi izicikizi zigununda iziyalelo zenguxa yazo kuphela. Ngalokho, umkitizo ungahunyushelwa kwiziiyalelo zenguxa ngokusebenzisa isikhumushi (compiler) solimi. (Izinhleleliso zolimi lwenguxa zihunyushwa ngokusebenzisa isihleli (assembler).) Uhele (file) oluba ngumphumela lubizwa ngokuthi isidledlwa (executable). Kolunye uhlangothi, umkitizo ungagunudwa ngaphakathi kwesihlakahli solimi.

Uma isidledlwa sifuneka ukuze sigunundwe, khona ingqalahlelo (operating system) izolugidlabeza enkumbulweni bese iqala inqubo. Isidludlungi esimqoka (central processing unit) ngokushesha sizoqhebezela kuleyo nqubo ukuze silande, siguquzelele, futhi sigununde umyalelo ngamunye wenguxa.

Uma umkitizo udingeka ukuze ugunundwe wona, khona ingqalahlelo izogidlabeza isihlakahli esihambisanayo enkumbulweni bese iqala inqubo. Ngalokho isihlakahli sizogidlabeza umkitizo enkumbulweni ukuze sihumushe futhi sigununde umusho ngamunye. Ukudledla umkitizo kusilili (kudla isikhathi) kunokudledla isidledlwa. Ngaphezu kwalokho, isihlakahli kufanele sifakwe esiCikizini.