Inkimbi


Inkimbi isithako, okuthi lapho sididiyelwa, siphucuzwa, noma siqephuka, siveze ummomo ocwazimulayo, futhi sikwazi nokudlulisa amazuba nomchadamezo kangcono. Izinkimbi imvama ziyanwebeka futhi ziyanwebuluka (zingacandulwa zibe ukhethe). Lezi zakhi ziwumphumela wesibhonqi senkimbi esenzeka phakathi kwamachwe namachembe wenkimbi.
Inkimbi kungaba yinhlwa yevanga efana nensimbi; isiqungo esifana nenqimbi; noma umxumbe wechembe ofana (polymeric sulfur nitride).
Kumchazandalo, inkimbi ngokuvamile ithathwa njengesiqa esikwazi ukudlulisa amazuba emazingeni angaphansi kwenguqu ephelele. Izinhlwa eziningi nemixube engavamile ukujinjwa njengezinkimbi zibe nobunkimbi ngaphansi kwengcindezi ephezulu. Ngokwesibonelo , inkwithi engeyona inkimbi iphenduka Inkimbi kancane kancane emazingeni aphakathi kwezinkulungwane ezingama-40 nezingama-170 zengcindezi yomoyambulunga. Ngokulinganayo, ezinye izithako ezithathwa njengenkimbi kungenzeka aziyona Inkimbi. Ngokwesibonelo , INaside, iphenduka inhlwa engeyona inkimbi ngaphansi kwengcindezi engaphansi kwephindwe izikhathi eziyizigidi ezimbili zengcendiz yomoyambulunga.