IChwe
iChwe liwucezu oluncane kakhulu kunezinye izingcezu zoTho olwakha inhlwa yevanga. Yonke into eNqumile, eluKetshezi, eluHowo, neNyazani, ithakwe ngamaChwe anomLelesa ovumayo noma ophikayo. AmaChwe mancinyane ngokweqile, ngokuvamile angamaphikomitha angu-100 ububanzi. Ubuncane bawo benza ukubikezela ngokunembile ukuziphatha kwawo ngokusebenzisa Umchazandalo omdala-ngokwesibonelo, sengathi angamabhola woMphebezo- kungabi nokwenzeka ngenxa yemiphumela yoMngako.
Isisindo esingama-99.94% sechwe sigxile endenini. Izinelesi zinomlelesa wamazuba ovumayo, izinzuba zona zinomlelesa wamazuba ophikayo, bese izintunge zona azinawo umlelesa wamazuba. Uma inani lezinelesi nezinzuba lilingene, khona ichwe alichemile ngokwamazuba. Uma ichwe linezinzuba ezimbalwa kunezinelesi, khona lisuke linomlelesa ophikayo noma ovumayo, futhi amachwe aloluhlobo abizwa izihonyo.