IsiCikizi esiyisiBhebhe
IsiCikizi esiyisibhebhe, esivame ukubizwa isiBhebhe, siyisilekeleli esiphathwayo, imvama esinenhleleliso nentandelo yombukiso wesihenqo esithintwayo, kanye nesiphathanzuba esifukuthwabusha, konke okufakwe phakathi kwesigxisho esisodwa esiyisicaba nesilubunda. Izibhebhe, njengoba ziyizicikizi, zenza okwenziwa ezinye izicikizi, kodwa zintula amakhono egalelo/mphumela ezinye ezinawo. Izibhebhe zanamuhla zifuze omakhalipha (smartphones), umehluko okhona owokuthi izibhebhe zinkulu kunomakhalipha, zinezihenqo ezingaba amacentimitha ayi-18 noma ukweqa, uma zilinganiswa bulungangoni, futhi kungenzeka zingabi nofikelelo kuxhoxho lwekhukhu (cellular network). Ngokungafani nezicikizi ezigonwayo (laptops), izibhebhe imvama zisebenza ngenhleleliso efana neyomakhalipha.