IsiNimbi
IsiNimbi siyinhlwa yevanga enophawu Ni nenani lobuchwe elingama- 28. Iiyinkimbi ecwebezelayo emhlophe-sacwebe enombala osambedu kancane. IsiNimbi siyinkmbi eqinile futhi enwebekayo. Isinimbi esicwebile siyasabela ngokwevanga kodwa izingcezu ezinkulu zisabela lusilili uma umoya ungaphansi kwezimo ezijwayelekile ngenxa yokuthi ungqimba lokungasabeli lwentuhla yesinimbi lwakheka ebusweni balo ukuvimbela ukugqwala okuqhubekayo. Noma kunjalo, isinimbi somdabu esicwebile sitholakala oqweqweni lomhlaba ngamanani amancane kuphela, imvamisa emadwaleni amgethembi (ultramafic), nangaphakathi kwamaqhumanyezi amakhulu esiNimbinsimbi angagalaziwe esOhweni lapho engaphandle komoyambulunga woMhlaba.