Jump to content

IsiTsotsitaal

Mayelana Wikipedia
This is an image of the South African flag, with each colour symbolizing a unique element, collectively representing the unity of a multicultural rainbow nation.

IsiTsotsitaal ulimi lwaseNingizimu Afrika elisuselwe ekuhlanganisweni kwezilimi ezahlukahlukene ezivamise ukutholakala emalokishini waseGoli (njengeSoweto, iSoshanguve, kanye naseThembisa), kanye neminye imiphakathi eNingizimu Afrika yonkana. [1] Igama elithi Tsotsi lisuselwa olimini leSisuthu, lesiPedi (isiSuthu sasenyakatho), kanye nesiTswana elichaza "intswelaboya" noma "isigebengu" kumbe "isigelekeqe", okungenzeka ukuthi lisuselwa esenzweni esibizwa "ho lotsa" "ukulola", lencazelo ishintshe nokuhamba kwesikhathi yahlotshwanisa nesenzo sokuba "yiqola". Isiqu esithi taal siyigama elisusela olimini lesiBhunu elichaza "ulimi".

IsiTsotsitaal sakhelwa phezu kwemigomo yokuhleleka kwamagama olimini olulodwa noma ngaphezulu, lapho amagama asuselwa kwezinye izilimi noma engezwa emagameni asuselwa emphakathini wezikhulumi. Lendlela yokukhuluma ingumsebenzi wokuxutshwa kwezilimi, ukushintsha izilimi, kanye nokuqanjwa kwamagama amasha. Lokhu kuchaza ukuthi ukuhleleka kwalendlela yokukhuluma incike kwizici zezinye izilimi.[2]

Umlando (History)

[hlela | Hlela umthombo]

IsiTsotsitaal saqala ngokwaziwa ngokuthi yiFlaaitaal noma Flytaal, kwagcina kudume elithi Tsotsitaal, elalisematheni emalokishini azimele aseSophiatown[3], entshonalanga neGoli, ngeminyaka eyi-1940 kanye neye-1950. IsiTsotsitaal, esasisiselwe ezilimini ezahlukahlukene, sisuselwe olimini lesiBhunu, kwase kwengezwa ngamagama asuselwa olimini lesiTswana, ngokuya lkwesikhathi kwajotshelelwa namagama esiXhosa, IsiZulu, kanye nezinye izilimi zaseNingizimu Afrika. Kuqala, isiTsotsitaal sasabalala njengolimi lobugebengu, njengoba yayinamandla okuqinisekisa imfihlo enkulumeni: ekuqaleni kwakuyizigebengu kuphela ezaziyiqonda.

Ngokuya kwesikhathi, yasetshenziswa njengesibonakaliso esivelele sokuvukela umbuso namaphoyisa awo, futhi izephulamthetho zazinconywa yintsha eyayibona lendlela yokuphila njengeyimpumelelo, ngakho-ke isiTsotsitaal saba ulimi olukhulunywa abantu abasebasha kanye nolimi olukhulunywa emgaqweni. Ngalesi sikhathi, kwakuyimvelakancane ukusetshenziswa kwalolulimi emakhaya ngoba isintu sasingaluvumi ulimi lwezephulamthetho ukuthi lusetshenziswe ekhaya. Kepha, isiTsotsitaal sashesha saphenduka uphawu lwamasiko, ezilimi kanye nemvelaphi, konke okwakuhlukahlukene, kodwa kwaxutshwa njengesiko lwaseSophiatown. IsiTsotsitaal ulimi olushabalala nokuya kwesikhathi emalokishini wabantu abansundu njengoba izikhulumi zayo zingaphezulu kweminyaka engama-70. Kodwa-ke, lolulimi lusagciniwe njengezinye zezilimi ezikhulunywa abantu abasemajele nasemiphakathini yabantu abansundu abakhuluma isiBhunu.

Imithombo (References)

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Hurst, Ellen (2009-09-01). "Tsotsitaal, global culture and local style: identity and recontextualisation in twenty‐first century South African townships". Social Dynamics 35 (2): 244–257. doi:10.1080/02533950903076196. ISSN 0253-3952. https://doi.org/10.1080/02533950903076196.
  2. "Wayback Machine". open.uct.ac.za. Archived from the original on 2024-06-24. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.
  3. "Sophiatown Explained". everything.explained.today. Kulandwe ngomhlaka 2025-07-09.