Jump to content

EGoli (isifundazwe)

Kubuya ku Wikipedia

EGoli noma IGoli (Suthu, Tswana, isiNgisi: Gauteng; Tsonga: eXilungwini; isiXhosa: iRhawuti) yisifundazwe saseNingizimu Afrika. Ngobukhulu bendawo, lesifundazwe sincane kunazo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika, kodwa ngenani labantu lesifundazwe sinkulu kunazo zonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika.

EGoli (ngesiZulu)

ibheji lesifundazwe

Indawo yesifundazwe eNingizimu Afrika
Izwe

INingizimu Afrika

Isiqubulo "Unity in Diversity"
Idolobha elikhulu iGoli
Ubukhulu bendawo 18.176 km²
Inani labantu (ngo-2011) 12 272 263[1]
Inani labantu (ngo-2020) 15 488 137
Izilimi[1]
Izinhlanga[1]
Isiqongo iGoli
UNdunankulu
David Makhura (ANC)
Iwebhusayithi www.gautengonline.gov.za Archived 2010-03-15 at the Wayback Machine.

Igama elithi "Gauteng" ngesiSuthu nangesiTswana lisho ukuthi Kwindawo eneGolide ngamafuphi "iGoli" noma "eGoli" ngesiZulu. IGoli liyisifundazwe esicebile eNingizimu Afrika futhi sihlobe ngamabhilidi amakhuluku. Indawo yokuhwebela eGoli ibizwa nge-Johannesburg Stock Exchange (JSE), ise-Sandton kwelinye lamadolobha acebile e-Afrika yonkana. Amadolobha amakhulu eGoli yiGoli nePitoli.

uMthetho nohulumeni

[hlela | Hlela umthombo]
iHholo Lomuzi laseGoli, okuhlezi kulo IsiShayamthetho sesifundazwe saseGuateng

IGauteng ubuswa yisiShayamthetho Sesifundazwe SaseGauteng, okuyisishayamthetho sabantu angama-73 esikhethwa ngokwesilinganiso sokumela amaqembu. IsiShayamthetho sikhetha ilingu elilodwa laso libe nguNdunankulu waseGauteng ozohola isiGungu esiphethe, futhi uNdunankulu uqoka uMkhandlu wesiGungu saseGauteng samalungu esishayamthetho afika kwayishumi ukuba akhonze njengezinhloki zeminyango kahulumeni ehlukene. Uhulumeni wesifundazwe unesibopho semikhakha emiselwe yona ngokoMthethososekelo waseNingizimu Afrika, kuhlanganisa imikhakha efana nowezempilo, imfundo eyisisekelo, ezezindlu, ezolimo, nokuvikelwa kwemvelo.

Ukhetho lakamuva lesishayamthetho sesifundazwe kwakungukhetho lukazwelonke lowezi-2024, la mhla zingama-29 kuMeyi 2024, lapho khona uKhongolose ethole amaphesenti angama-34.55 nezihlalo ezili-17 kusishayamthetho. Iqembu le-DA okuyilona eliphikisayo lona lathola amaphesenti angama-27.23 nezihlalo ezili-13. Izitoyitoyi zona zithole izihlalo eziyisithupha, uMkhonto wesizwe wathola izihlalo eziyisihlanu. Iqembu le-Action SA likwazile ukuzuza izihlalo ezimbili bese wonke amanye amaqembu athola isihlalo esisodwa. UPanyaza Lesufi wakhethwa njengoNdunankulu wesifundazwe saseGauteng.

Isigaba saseGauteng seNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika, ehlezi ePitoli naseGoli, siyiNkantolo enkulu enegunyandawo eaifundazweni. IGoli liphinde libe yikhaya leNkantolo Yomthethosisekelo YaseNingizimu Afrika, okuyinkantolo ephakeme kunazo zonke ezweni, kukhona negatsha leNkantolo Yabasebenzi neNkantolo Yokudlulisa Amacala Yabasebenzi.

Izigodi zohlelokulawula

[hlela | Hlela umthombo]
Omasipala baseGauteng

Isifundazwe saseGauteng sihlukaniswe saba nemikhandlusidlidli emithathu nomasipala bezifunda ababili. Omasipala bezifunda bona bahlukaniswa kwaba omasipala bezindawo abayisithupha:

Omasipala bezifunda

[hlela | Hlela umthombo]
  • uMasipala wesiFunda saseSedibeng
    • uMasipala Wendawo yasEmfuleni
    • uMasipala Wendawo yaseLesedi
    • uMasipala Wendawo yaseMidvaal
  • uMasipala wesiFunda iWest Rand
    • uMasipala Wendawo yaseMerafong
    • uMasipala Wendawo yaseMogale
    • uMasipala Wendawo yaseRand West

Omasipala bemikhandlusidlidli

[hlela | Hlela umthombo]
  • uMasipala woMkhandlusidlidli waseTshwane
  • uMasipala woMkhandlusidlidli waseGoli
  • uMasipala woMkhandlusidlidli waseEkurhuleni

Amaphethelo

[hlela | Hlela umthombo]

IGoli linamaphethelo nalezifundazwe;

Abantu baseGoli bakhuluma lezilimi; isiZulu, isiTswana, isiNgisi, isiBhunu, isiSuthu, isiXhosa, isiPedi kanye nezinye.

Izilimi ezikhulunywa kakhulu eGoli
     isiBhunu      isiNgisi      isiNdebele      isiXhosa      isiZulu      isiPedi      isiSotho      isiTswana      isiSwazi      isiVenda      isiTsonga      Alukho ulimi oludlula ezinye izilimi

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. 1 2 3 Census 2011: Census in brief (PDF). Pretoria: Statistics South Africa. 2012. ISBN 9780621413885.

Okuhlobene

[hlela | Hlela umthombo]


Izifundazwe zaseNingizimu Afrika Ifulegi laseNingizimu Afrika
iFleyistataiGauteng Nyakatho KapaNtshonalanga Kapa
KwaZulu-NatalMpumalanga KapaLimpopoMpumalangaNyakatho-Ntshonalanga