Isiqoshwa somchazamibhalo

Mayelana Wikipedia

Isiqoshwa somchazamibhalo siwumfako ofakwa kwinkomba yomchazamibhalo (noma ujengamazwi lomtapolwazi ) omele futhi ochazisa insizakusebenza ethile. Isiqoshwa somchazamibhalo siqukethe izici zemininingo eyimfuneko ukuba ilekelele abasebenzisi bakwazi ukuhlonza futhi bahoshe lezo zinsizakusebenza, kanye nokwaziswa okusekelayo okwengeziwe, okwethulwa ngesinikino somchazamibhalo esihleliwe. Ukwaziswa okwengeziwe kungasekela izinsebenzo zesizindamininingo esikhethekile esifana nesihlwayi, noma isiphequli (ngamazwi amqoka), noma kungahlinzeka isethulo esigcwele sesiqikili sento.

Iziqoshwa zomchazamibhalo zivame ukuhosheka kusuka ezikhombweni zomchazamibhalo ( izizindamininingo zomchazamibhalo zanamuhla) ngegama lombhali, isihloko sencwadi, ibizo lesikhombo, noma igama elimqoka. Iziqoshwa zomchazamibhalo kungabhekiselwa kuzo njengezibambeli noma incazamininingo. Iziqoshwa zomchazamibhalo zingamelela izinhlobonhlobo zeziqikili ezishicilelwe, ezihlanganisa namaphepha ajwayelekile, izishicilelwa ezibhangqisiwe noma ezidalwe ngokwezezibhangiwe. Umdludlungu wokudala, ukwenanana, nokukhweza iziqoshwa zomchazamibhalo uyizingxenye zomdludlungu omkhulu obizwa ulawulo lomchazamibhalo.