Isiqoshwa somchazamibhalo
Isiqoshwa sesichazambhalo siyisifako esifakwa kwinkomba yesichazambhalo (noma isijengamazwi somtapolwazi ) esimele futhi esichazisa insizakusebenza ethile. Isiqoshwa sesichazambhalo siqukethe izici zemininingo eyimfuneko ukuba ilekelele abasebenzisi bakwazi ukuhlonza futhi bahoshe lezo zinsizakusebenza, kanye nokwaziswa okusekelayo okwengeziwe, okwethulwa ngesinikino sesichazambhalo esihleliwe. Ukwaziswa okwengeziwe kungasekela izinsebenzo zesizindamininingo esikhethekile esifana nesihlwayi, noma isiphequli (ngamazwi amqoka), noma kungahlinzeka isethulo esigcwele sesiqikili sento.
Iziqoshwa zesichazambhalo zivame ukuhosheka kusuka ezikhombweni zesichazambhalo ( izizindamininingo zesichazambhalo zanamuhla) ngegama lombhali, isihloko sencwadi, ibizo lesikhombo, noma igama elimqoka. Iziqoshwa zomchazamibhalo kungabhekiselwa kuzo njengezibambeli noma incazamininingo. Iziqoshwa zesichazambhalo zingamelela izinhlobonhlobo zeziqikili ezishicilelwe, ezihlanganisa namaphepha ajwayelekile, izishicilelwa ezibhangqisiwe noma ezidalwe ngokwezezibhangiwe. Umdludlungu wokudala, ukwenanana, nokukhweza iziqoshwa zesichazambhalo zingxenye yomdludlungu omkhulu obizwa ulawulo lesichazambhalo.