Ukubhangqisa

Mayelana Wikipedia
Isigqayi sencwadi se-Internet Archive

Ukubhangqisa noma Ukuguqulela kwezezibhangqiwe inqubo yokuguqula ukwaziswa kube isinikino sezezibhangqiwe (i.e. ukuyenza ifundwe isicikizi). Umphumela kube unongo lwento, umfanekiso, umsindo, umbhalo, noma isiyabizo (imvama kuba isiyabizo senzuko (analog signal)) etholwe ngokuphehla uchunge lwamanani achazisa iqoqo elilubandlu lwezangulo. Umphumela ubizwa unongo lwezezibhangqiwe, noma phecelezi, isithombe sezezibhangqiwe, uma kuyinto, isimo sezezibhangqiwe, uma kuyisiyabizo. Kunsebenzo yanamuhla, imininingo eguqulelwe kwezezibhangqiwe isesimweni samanani abhangqiwe (amabhangqa), ancedisa ukuhidanisa ngezicikizi zezibhangqiwe kanye neminye imigidingo, kodwa ukubhangqisa kusho "ukuguqulwa komthako wenzuko kube isinikino sezibalo"; isimiso seshumi noma esinye samanani singasetshenziswa ngokufanayo.

Ukubhangqisa kumqoka kakhulu ekuhidaniseni imininingo, ukuyigcina, nasekuyifufukiseni, ngokuba "kuvunela ukwaziswa kwazo zonke izinikino ukuba kuthwalwe ngemfanelo efanayo futhi kudidiyelwe." Nakuba imininingo yenzuko ivame ukuba ngezinzile, imininingo yezezibhangqiwe kulula ukuba yabelwe futhi ifikelelwe, futhi ngokombono, ingasatshalaliswa ngokungenasiphelo ngaphandle kokulahlekelwa ukuphehleka, uma nje izofudukiselwa ezinikinweni ezintsha, ezizinzile, ngokwesidingo. Lamathuba sewaholele ezinkebengweni zokuguqulelweni kwezezibhangqiwe kwezikhungo okuklanyelwe ukuthuthukisa ufikelelo kanye nokukhula okukhulu komkhakha wokukhweza ngezezibhangqiwe.