Jump to content

Isivoko

Kubuya ku Wikipedia
Two 3U CubeSats
Ama-CubeSats amabili ayizivoko azungeza uMhlaba ngemva kokukhishwa engosini ye Kibō yeSikhumulo samaZwe esisemkhathini.

Isivoko (noma idunambumbulu) siyinto, ngokuvamile indizamkhathi, obekwe emzileni ozungeza indikimba esezulwini . Izivoko zisetshenziswa ngokuhlukahlukene, kuhlanganisa ukudluliswa kwezokuxhumana, ukubikezela isimo sezulu, ukuzulazula ( GPS ), ukusakaza, ucwaningo lwenzululwazi, nokudlozwa komhlaba. Ukusetshenziswa okwengeziwe kwezempi kuhlanganisa ukushulubeza, isixwayiso esandulelayo, iziyabizo zokwaziswa kanye, uma kungenzeka, ukufufuthwa kwezikhali. Ezinye izivoko zihlanganisa izigaba zokugcina zeziCibazulu ezibeka izivoko ozungezweni kanye nezivoko eziwusizo ezigcina zingasasebenzi.

Iningi lezivoko ezisemkhathini zinohlelo lokuphehla amazuba ukuze ziqhubeke zisebenza, futhi izinsiza ezifana neziphemphe zeLanga noma iziphehli zamazubekhoza (RTGs). Iningi lezivoko ezisemkhathini zinendlela yokuxhumana nezigculo eziphansi, ezibizwa izamukezi zokuxhumana (transponders). Iningi lezivoko zisebenzisa amagcikivana ezivoko (Satellite bus) ukuze kongiwe imali nomsebenzi omniningi. Izivoko ezifanayo ziyakwazi ukusebenzisana njengeqembu, zakhe isishomo sezivoko. Ngenxa yezindleko eziphezulu zokunyakula, Izivoko eziningi ziklanyelwe ukuba luhlengesi nokuba qatha. Iningi lezivoko zokuxhumana ziyizigculo zokudlulisa umsakazo kuzungezohlelo futhi ziphatha izamukezi (transponders) eziningana, ngasinye esinoyacabanzi lwama-megahertz.

Imikhumbimkhathi iphenduka Izivoko lapho ikhawuleza noma isililiza ukuze ibambe isivinini sozungezohlelo, ingene ozungezweni oluphezulu ukuze igweme imbucuko yozungezohlelo ngenxa yokudonsa komoyambulunga ngaphezu komgncele kaRoche. Izivoko izindizamkhathi ezinyakulelwa emkhathini ngohlelo lokunyakula. Ziyakwazi ukuguqula noma ukugcinwa uzungezo lwazo zisebenzisa impokozo, ngokuvamile zisebenzisa izilukuzelo sevange noma izilukuzelo zesihonyo. Ngowezi- 2018, cishe kwakunezivoko ezingamaphesenti angama-90 ezazizungeza uMhlaba kuzungezohlelo oluphansi noma uzungezo lohelonkabazwe; uhelonkabazwe igama elisho ukuthi Isivoko sigcula sime nsi esibhakabhakeni (ngokucakathene nendawo ethile eMhlabeni).