uMhlaba

Mayelana Wikipedia
uMhlaba uNomkhubulwane
Inyanga noMhlaba

UNomkhubulwane (uphawu: 🜨) ungumZulane wesithathu ozungeza iLanga futhi uwutho olusemkhathini olwaziwa njengoluqukethe ukuphila. Nakuba imithamo emikhulu yamanzi ifumaneka kuwo wonke unozingezilanga, nguNomkhubulwane wodwa olondoloza amanzi anguketshezi. Amaphesenti angu-71% obuso bukaNomkhubulwane agcwele ulwandle, okwenza amachopho eqhwa, amachibi nemifula kube kuncane. Amaphesenti asele angu-29% obuso bukaNomkhubulwane angumhlaba, ongamazwekazi neziqhingi. Ubuhalalazi bobuso bukaNomkhubulwane bakhiwa izingqweqwe zokuzabazaba eziningana ezidikizayo kancane, ezinananayo ukuze ziqhikize izintaba, Izintabamlilo nokuzamazama komhlaba. IGobohla lukaNomkhubulwane elisaketshezi luphehla isimo esisawonga esibumba iwongambulunga likaNomkhubulwane, eliphebeza izivungu zelanga eziyingozi.

uMhlaba utholakala ozungezohlelweni lweLanga lethu okuyinkanyezi edonsa imizulane yozungezohlelo lwayo ukuze iyizungeleza ngenxa yomnyondo wayo.