Isizindamininingo

Mayelana Wikipedia
Isitatimende sokukhetha se -SQL kanye nomphumela waso

KwezokiCikiza, isizindamininingo siyiqoqo lemininingo elihlelekile eliwuhlobo lwesiqoqonga semininingo esisekwe esimisweni sokulawula imininingo (DBMS), okuyihlelokusebenza elinanana nabasebenzisi, kanye nesizindamininingo ngokwaso ukuze ligcine futhi lihlaziye imininingo. Isimiso sokulawula isizindamininingo ngokwengeziwe sihlanganisa izinhlaka eziwumnyombo zokulawula isizindamininingo. Uma kukhulunywa ngesimiso sokulawula isizindamininingo kuhlanganiswa isizindamininingo ngokwaso, kanye namahlelokusebenza ahilelekile. Imvama elithi "isizindamininingo" lisebenza ukubhekisela kunoma yisiphi isimiso sokulawula isizindamininingo, noma isimiso sesizindamininingo noma ihlelokusebenza eliyamaniswa nesizindamininingo.