IziPhili

Mayelana Wikipedia

IsiPhili noma IziPhili izinto eziphilayo ngokwemvelo, nezinesimiso sokuphila ngazodwa. Zonke iziPhili zakhiwa amangqamuzana. Iziphili zijinjwa ngokulandela ubungqwangqwa zibe amaqembu omangqamuzana (multicellar) bezilwane, izimila noKhunta; noma onongqamuzana (unicellular) abeyiziphilincinci ezinjengeZinambuluka (protista), iZinungwana (bacteria) neziNgunazane (archae). Zonke izinhlobo zeziphili ziyakwazi ukuzala, ukukhula nokuthuthuka, ukulondoloza, futhi ngezinga elithile ukusabela evusweni. Amabhungane, ama-squid, Imilenzene, amakhowe, nezimila ziyizibonelo zeziphili ezingomangqamuzana ezingahlukanisa izicubu ezikhethekile nezitho lapho zithuthuka.

I-Escherichia coli isiPhili esakhiwe yisosha elilodwa, engabonakali ngeso elinquni, iphinde ibe yi-prokaryote futhi.
I-Amoebae yi-eukaryotes eyakhiwe yisosha elilodwa.
uKhunta olumboboningi kanye nezihlahla eziyi-angiosperm ngama-eukaryotes amakhulu, akhiwe ngamasosha amaningi.
Isihlahla sempilo(Carl Woese) esaziwa nge-Phylogenetic . Amagciwanyane awaveli lapha ngoba abukho ubufakazi bokuba ahlobene nalemibuso yempilo emithathu.