Izilimi zaseNingizimu Afrika

Mayelana Wikipedia
Dominant languages in South Africa.
     isiBhunu      isiNgisi      isiPedi      isiSuthu      isiNdebele      isiSwazi      isiTsonga      isiTswana      isiVenda      isiXhosa      isiZulu      None dominant

iNingizimu Afrika linezilimi eziyishumi nanye ngamandla esikhundla. Zingu:

IsiZulu sikhulunywa kakhulu impela (24% bakabantu baseNingizimu Afrika bakhuluma isiZulu ekhaya). Ulimi olulandelayo luyisiXhosa (18%) bese isiBhunu (13%).

Njengoba kunezilimi ezihlukene kunendlela elula esetshenziswayo eNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi abantu bonke bathola umyalezo ofanayo kokubhaliwe kumbe okukhulunywayo. Ukuhumusha nokutolika yizona zindlela ezisetshenziswayo ukwenza lokho. I-Ningizimu Afrika ikholelwa ukuthi alukho ulimi olungaphezu kwezinye yingakho iqinisekisa ukuthi zonke ziyasetshenziswa ngokulinganayo.

Kunezikhungo zemfundo ezihlukahlukene eziqeqesha abantu kulemikhakha yezolimi ukutolika nokuhumusha. Akusiyona into eyenziwa inoma ngubani owazi izilimi ezingaphezu kolulodwa kodwa kuneqeqesho olwenziwayo ngoba kunezindlela kanye nemithetho elandelwayo uma kwenziwa lokhu (kutolikwa noma kuhunyushwa).