Izingudla nezinkonzo

Mayelana Wikipedia
Pens for sale
Barbier in Kaxgar
Amapeni ayizingudla eziphathekayo, kuyilapho ukugunda izinwele kuyinkonzo engaphatheki.

Izingudla ziyizinto eziphathekayo (kodwa hhayi ngaso sonke isikhathi), njengepeni noma amaphumezi. Izinkonzo ziwubuqhebeqhebe obuhlinzekwa ngabanye abantu, obufana nabafundisï noma abancweli bezinwele. Uma zihlangene, izingudla nezinkonzo ziwukukhiqizwa, ukwabela, nentshwabadelo okuzenza ziphase ubuqhebeqhebe bomnotho nohwebo. Ngokombonoyisu wezomnotho, intshwabadelo yezingudla nezinkonzo ithathwa njengeletha usizo (ukwaneliseka) kumshwabadeli noma umsebenzisi wazo, nakuba nayo imihwebo ngokwayo izisebenzisa izingudla nezinkonzo lapho ikhiqiza ezinye izingudla nezinkonzo.