Jump to content

Amanzi

Mayelana Wikipedia
Amanzi

Amanzi awumxube ongaphili onesicabayo H2O. Ayisiqa esiluntwentwe, esinganambitheki, esinganuki, nesicishe sangaba nambala. Ayisakhi esiyinhloko samanzimbulunga emhlabeni futhi ayimitshoko sazo zonke iziphili ezaziwayo (okuyilapho asebenza khona njengesincibikilisi). Abalulekile kuzo zonke izinhlobo zempilo, nakuba engazihlinzeki ngeisidlakalasi sokudla, noma ngezincincimsoco ezingokwemvelo. Ukubumbeka kwawo ngokwevanga, H20, kukhomba ukuthi umzwayi wawo ngamunye uqukethe isOhwe elilodwa namaHwanzi amabili angamaChwe, axhunyaniswe umnqalanzuba. AmaChwe eHwanzi anamathelene neChwe lesOhwe engonini engama-104.45°. "Amanzi" igama lesimo esiluketshezi se-H2O ezingeni lokushisa nokucindezeleka okuvamile.

Emhlabeni amanzi atholakala ngezimo ezintathu, isimo esinqumile, isimo esiluketshezi nesimo esiluhowo. Ayakwazi ukwakha ukuna ngesimo semvula nokwakha uhowovange ngesimo senkungu. Amafu aqukethe amathonsi wamanzi neqhwa, okuyisimo sawo esinqumile. Lapho lihlakazwa, iqhwa eliwumncwebe likhithika ngesimo seqhwa. Isimo esiluhowo samanzi siwumusi noma umhwamuko wamanzi.

Amanzi asibekela ubuso bomhlaba obungaba ama-71 ekhulwini, izilwandle nezidwadwa kuyizo ezakha amanzi amaningi ngomthamo (angaba ngama- 96.5%). Izingxenye ezincane zamanzi zitholakala njengamanzi aphansi (1.7%), amanzi asemaqeqebeni nasemchpheni weqhwa e-Antarctica nase-Greenland (1.7%), kanye nasemoyeni njengomhamuko, amafu (aqukethe amaqhwa namanzi awuketshezi alenga emoyeni), nokukhumanqa (0.001%). Amanzi ahamba ngokuqhubekayo ngomjikelezo wamanzi wokuhwamuka, ukujiyeka, ukuna nokugobhoza, aze aphelele olwandle.

Amanzi aneqhaza elibalulekile emnothweni womhlaba. Cishe angamaphesenti angama-70 amanzi acwebile asetshenziswa abantu kwezolumo. Ukudoba emanzini aphuzekayo nagcwele itshiwo kuyaqhubeka nokuba umthombo wokudla ezingxenyeno eziningi zomhlaba. Inqwaba yezithengiswa (ezifana namafutha, uhowo lwemvelo, nemikhiqizo) okuhwebelwana ngazo ezithinta amabanga amade zithuthwa ngezilulu ezintweza izilwandle, imifula, amachibo nemigudu. Inqwaba yamanzi, iqhwa, nomusi iyasetshenziswa ekupholiseni nasekuchadamezeni izimboni namakhaya. Amanzi ayisincibililisi esiqabavulayo seziqa ezihlukahlukene, okuwenza asetshenziswe kakhulu emidludlungweni yezezimboni ekuphekeni nasekuhlanzeni. Amanzi, iqhwa, nomkhithiko amqoka nakwezemidlalo nakwezokuzilibazisa ezifana nokubhukuda, umjaho wezilulu, ukudoba, ukutshuza neminye.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Igama lesiZulu elithi amanzi, livela olimini oluyisandulela sintu kwelithi *màjijì,[1] nokuyilapho ezinye izilimi nazo ezithola igama lalesi siqa khona, ngokwesibonelo, isiSwati emanti, isiLuganda amazzi, isiKara saseTanzaniya amanji, isiNyasa madzi, nezinye njll. Leli bizo lisho isiqa esigobhozayo nokulula ukusebenzisa ngezindlela eziningana.

Izigubo zawo

[hlela | Hlela umthombo]
Umzwayi wamanzi equkethe amaChwe weHwanzi amabili nechwe lesOhwe elinye.

Amanzi (H20) awumXube onamachopho. Ezingeni lokushisa kwegumbi, aluketshezi olunganambitheki, olusweliphunga, noluluntwentwe kodwa olunombala olundwa okwesibhakabhaka. Amanzi aziwa ngokuthi awumXube wevanga ocwaningwa kakhulu futhi kubhekiselwa kuwo ngokuthi "ayisincibilikisi jikelele" ngenxa yekhono lawo lokuncibilikisa iziqa eziningi,[2][3] nakuba ahluleka ukuncibilikisa iziqa ezinganamachopho.[4] Leliqiniso liwavumela ukuba abe "yisincibilikisi sempilo":[5] yebo, amanzi atholakala emvelweni hleze aqukethe iziqa eziningana ezincibilikile, futhi kunezinyathelo ezikhethekile eziyimfuneko zokuwenza amanzi acwebileyo. Amanzi awukuphela kwesiqa esivamile esitholakala njengomkhumanqa, uketshezi kanye nohowo.[6]

izimo zawo

[hlela | Hlela umthombo]
Izimo zoTho ezintathu ezivamile

Ibizo elithi Amanzi liyibizo elisemthethweni lomXube wevanga H20;[7] futhi ayisimo esiluketshezi se-H20.[8] Ezinye izimo zoTho ezimbili zamanzi yisimo esinqumile, somkhence, nesimo esiluhowo, somhwamuko wamanzi noma umusi.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 632.
  2. Template:Greenwood&Earnshaw2nd
  3. "Water, the Universal Solvent". USGS. Archived from the original on 9 July 2017. Kulandwe ngomhlaka 27 June 2017. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  4. "Solvent properties of water". Khan Academy.
  5. Reece, Jane B. (2013). Campbell Biology (10th ed.). Pearson. p. 48. ISBN 978-0-321-77565-8.
  6. Reece, Jane B. (2013). Campbell Biology (10th ed.). Pearson. p. 44. ISBN 978-0-321-77565-8.
  7. Leigh, G. J.; Favre, H. A; Metanomski, W. V. (1998). Principles of chemical nomenclature: a guide to IUPAC recommendations (PDF). Oxford: Blackwell Science. ISBN 978-0-86542-685-6. OCLC 37341352. Archived from the original (PDF) on 26 July 2011. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  8. PubChem. "Water" (in i-English). National Center for Biotechnology Information. Archived from the original on 3 August 2018. Kulandwe ngomhlaka 25 March 2020. Unknown parameter |url-status= ignored (help)