Jump to content

Khayalamabandla NBC

Mayelana Wikipedia

IBandla laseKhayalamabandla (Khayalamabandla Nazareth Baptist Church) liwuhlelo lwamaNazaretha olizinze endaweni yase-Sweetwaters, eMgungundlovu. Ukusungulwa kwalo kwaqala ngoNhlangulana ka-2019, emumva kokuthi kufike izwi likaNkulunkulu kuBaba uNkunziyendoda Thusi. Izwi lamehlisela umsebenzi okumele wenziwe ukubuyisela isidima sobuNazaretha esesishabalele kanye nokukhulula abantu osizini nokunye okuningi.

Kuleli bandla akekho umholi ohlala esihlalweni njengokujwayele ukwenzeka emabandleni amaNazaretha. Leli bandla likholwa ukuthi uNkulunkulu kuphela ongumholi walo. Konke elikwenzayo ngokwenqubo yokukhonza lithathisela emithethweni yobuNazaretha, ebhayibhelini nasezwini likaNkulunkulu elikhuluma ikakhulukazi kuBaba uThusi njengesithunywa sikaNkulunkulu.

Ubuholi bobuNazaretha obuqhakanjiswa ileli bandla obezithunywa zikaNkulunkulu kusukela kuMqaliwendlela (Isaiah Shembe), iNkosi iLanga (J.G Shembe), uMhlalineziyoni ( B.L Shelembe) noBaba u-B.A Gwala ngokulandelana kwabo kusukela NGO-1910 kuya ku-2012.