AmaNazaretha

Mayelana Wikipedia

UmNazaretha (ubuningi: AmaNazaretha) umuntu osuke ethathe isifungo sokuzahlukanisela uJehova(uNkulunkulu). Ukuzahlukanisela uNkulunkulu kusho ukugwema ezintweni eziningi okubalwa kuzo nezibhalwe encwadini ka-Numeri 6 ebhayibhelini.

Enkolweni kaMose lesi sifungo sabe saziwa ngokuthi isethembiso sobuNaziri. Ebhayibhelini kwabe kukhona obuNazaretha besikhashana kanye nobuNazaretha baphakade. AmaNazaretha afana noSamsoni, uSamuweli noJohane uMbhabhadisi babalwa njengababethathe isifungo sobuNaziri baphakade.[1]

ENingizimu Afrika ibandla lamaNazaretha elasungulwa uMprofethi u-Isaiah Shembe alakhela ikomkhulu eNanda okuthiwa iseKuphakameni. Leli bandla ilona elidume ngokubizwa ngokuthi "elamaNazaretha" futhi liyayigcina imithetho yobuNaziri, empeleni yonke imithetho kaMose liyithatha ngokuthi eyobuNaziri. Kuleli bandla ukuba umNazaretha akusho kuphela ukuzahlukanisela uNkulunkulu kodwa kusho ukuzigcina ungcwele ngaso sonke isikhathi.

Ibandla lamaNazaretha liyabhabhadisa. Isifungo sithathwa ngokuthi uma umuntu eyamukela inkolo uyagula phambi kwebandla athi "Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni " emumva kwalokho uyabhabhadiswa kuphinde kube nohlelo lwenkonzo okuthiwa Inkonzo kaMahlukanandlela. Kuwumgomo kuleli bandla ukuthi isifungo sobuNazaretha kube esaphakade (Izihlabelelo ZamaNazaretha : Umthandazo weSabatha verse 11) [2]

  1. https://rts.edu/resources/the-nazarites/
  2. https://www.scribd.com/document/41897324/Shembe-Hymns