Khenani Makhoba

Mayelana Wikipedia
Khenani Makhoba
Ubezalwa ngoNtulikazi 3, 1954(1954-07-03)
Nembe, KwaZulu Natali
Ubefa ngoNhlaba 3, 2019(2019-05-03) (iminyaka ama-64)
Ongoye, EThekwini
Umsebenzi Umfundisi (lecturer), umlobi
Isizwe UmNingizimu Afrika
Imikhiqizo Amahlaya Okuqala (2018)
Umlilo Kazokhel (1995)
Umpheme Wempilo (1995)

Dkt Khenani Lloyd Makhoba (* Ntulikazi 1954-† Nhlaba 2019) ngungoti wesiZulu owabe engumlobi wezincwadi zolimu lwesiZulu futhi wayephinde aba ngumfundisi eNyuvesi yakwaZulu ekhempasini yasoNgoye, efundisa isiZulu emkhakheni weziLimi namaSiko ase-Afrika (African Languages and Culture. UMakhoba ungomunye wabantu ababa negalelo elikhulu ekuthuthukiseni ulimi lwesiZulu. Ngaphandle kokufundisa isiZulu Ongoye wabuye wabhala incwadi esihloko sithi: Amancoko Okuqala lapho ebhala khona ngamahlaya esiZulu angahumusheki kahle uma eyiswa olimini lwesiZulu [1][2].

Impilo yobusha nemfundo[hlela | Hlela umthombo]

UMakhoba wazalelwa endaweni yaseNembe ezalwa nguMbuyiseni kaMkhosi Makhoba kuthi unina kube ngu-Ebhi kaMaphumulo Makhoba. Ufunde ezkoleni eziningana, ezamabnaga aphansi kubalwa lezi, KwaNomakhanzana Primary School esindaweni yasePort Shepstone wabuye wafunda naseSibanini Primary SChool eMthwalume. Wadlulela kulezi zikole, eMafumbuka Primary Waphinda wafunda eManyuswa Senior Primary School, okuyisikole samabanga aphansi esiseMlazi. Imfundo yamabanga aphezulu wayifundela Ekwazini High School okuysikole esiMlazi. Umatikuletsheni wakhe wawuphothulela esikoleni samabanga aphakeme eMenzi High School naso okuysisikole esiseMlazi [2].

Emava kukuphothula imfundo yamabanga aphezulu wathola imfundo ephakeme eNyuvesi yakwaZulu ekhempasini yasoNgoye lapho ayefundela khona iziqu zobuthishela. Wabuye waphothula izifundo ze-Maters olimini lwesiZulu eNyuvesi yakwaZulu lapho ayebuye afundise khona[2].

Umsebenzi[hlela | Hlela umthombo]

Umsbenzi wobuthishela wawuqala esikoleni samabanga aphekeme eKwazini High School, wadlulela lapha waba nguthishanhloko eGagasini High School. Waphinde wafundisa eMpumalanga College kanye naseNyuvesi yaseDurba-Westville. UMakhoba wahinde waba yiskhulu esibehkele amfa namasiko enhlanganwe yamasiko yaseNingimu Afrika eyaziwa ngokuthi (South African Heritage Resource Agency (SAHRA)). Ekuqhubekeni nemsbenzi yakhe uMakhoba wayebuye abhale engosini ebizwa ngokuthi Masicobelelane eyayiba esphephandabeni Ilanga. Emva kwalokhu waphinde wathola ithuba lokuba abhale kwenye ingosi ebizwa ngokuthi Inkundla Yokucobelelana eba sephephndabeni Isolezwe [2][1].


UMakhoba wayephinde abe ngumlobi futhi abe ngumfundisi phecelezi lecturer, ngalokho waloba izincwadi ezingi iningi lalezi zincwadi zabe zifundwa ezikoleni zamabanga aphansi kanye naphezulu. Waphinde wabe ngumfundisi eNyuvesi yakwaZulu lapho ayefundisa khona ubuGugu kanye nolimilwesiZulu emkhakheni weziLimi namaSiko ase-Afrika lesi isikhundla asibamba waze wadlula emhlabeni [2].

Imisebenzi[hlela | Hlela umthombo]

imisebenzi kaMakhoba kubalwa kuyo izindaba ezimfishane, izinkondlo, izincwadi, kanye nobuciko bomlomo konke okubhalwe ngolimi lwesiZulu. Kweminye imisbenzi wabe esebenzisana nabanye ongoti besiZulu [3].

Izindaba ezimfishane[hlela | Hlela umthombo]

  • 1993 - Umlilo Kazokhele, Actua Press
  • 1995 - Umuthi Othi Thi Ibanga lesi-8,9, Van Schaik Publishers
  • ? - Inhliziyo Eyophayo
  • 2006 - Sidla Ingqatho neFutho, Afritude
  • ? - Ulozolo

Izinkondlo[hlela | Hlela umthombo]

  • 1995 - Umpheme Wempilo Ibanga lesi-6, Van Schaik Publishers
  • 1996 - Umpheme Wempilo Ibanga lesi-7, Van Schaik Publishers
  • 1998 - Umpheme Wempilo Ibanga lesi-8, Van Schaik Publishers

Ubuciko bomlomo[hlela | Hlela umthombo]

  • 2014 - Uju Lwezizukalwane, Oxford University Press
  • ? - Amancoko

Ama-eseyi[hlela | Hlela umthombo]

  • ? - Sikhula ngokuxoxisana
  • 2014 - Amagugu Esizwe, Shuter & Shooter

Izincwadi[hlela | Hlela umthombo]

  • 2017 - Amancoko Okuqala, Zululand Univeristy Press

Kusukela ngonyaka we-2015 uMakhoba ubebhala ingosi eshicilelwa ngoLwesibili ephephandabeni lesiZulu eliphuma zinsuku zonke ''Isolezwe''. Lengosi ibizwa ngokuthi Inkudla yokucobelelana Ngobugugu kulengosi ubebhala ngsizindlela ezifanele zokusebezisa ulimi lwesiZulu. Kuyo loengosi ubebuye abhale ngemilando yamagame, izisho, izaga njll. [4]

Ukudlula emhlabeni[hlela | Hlela umthombo]

UMakhoba wadlula emhlabnei ngokuzuma okukhulu, ngokubika kwabezindaba kuthiwa watholakala andlini ayeqashe kuyo njongoba ayefundisa enyivesi engasekho emhlabeni. Imbangela yokufa yanbe ingatholakali, wedlula emhlabeni kwakungakapheli ngisho isonto ethweswe iziqu zobudokotela yiNyuvesi yakwaZulu. [4]

Ukuhlonishwa[hlela | Hlela umthombo]

Ngonyaka we-2019 iNyuvesi yakwaZulu UMakhoba yamhlonipha ngeziqu zobudokotela ukugqhakambisa igalelo ayelinambili ekuthuthukiseni uLimi lwesiZulu kanye nasekufundiseni ngamaGugu.[4]

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. 1.0 1.1 Mthethwa, Zanele (28 kuNhlaba, 2019). "Izinkonzo Zokukhumbula Ungoti". Isolezwe. Check date values in: |accessdate=, |date= (help); |access-date= requires |url= (help)
  2. 2.0 2.1 2.2 2.3 2.4 "Izothathwa Wuqweqwe Lombhali Eyokucobelelana Ngolimi". Press Reader. Isolezwe. 12 Masingane 2015. Kulandwe ngomhlaka 30 Nhlaba 2019. Check date values in: |accessdate=, |date= (help)
  3. "Makhoba, L.K". World Cat. Isolezwe. Kulandwe ngomhlaka 30 Nhlaba 2019. Check date values in: |accessdate= (help)
  4. 4.0 4.1 4.2 Khanyile, Slindile (28 kuNhlaba, 2019). "Lala Uphumule Joko Omuhle, Siyabonga". Isolezwe. Check date values in: |date= (help); |access-date= requires |url= (help)