Sigananda kaZokufa

Mayelana Wikipedia
Sgananda kaZokufa
Induna yamaZulu

USigananda ngemva kokubanjwa ngamaNgisi
Igama ikhulu Sgananda kaZokufa
Ubezalwa ngoMasingane 1, 1815(1815-01-01)
Ubefa ngoZibendlela 22, 1906(1906-12-22)
Abantwana Ndabaningi kaSgananda
Royal House Chube
Inkondlo Izibongo zeNkosi uSgananda
Ubaba Zokufa


USigananda kaZokufa (wazalwangeminyaka yabo 1815–1906) wayeyinduna yesizwe samaZulu owaphila ngenkathi yokubusa kwamakhosi amane amaZulu eningizimu-mpumalanga ye-Afrika. Ngokomlando oxoxwayo, uyisemkhulu kaSigananda wayeyinkosi uMvakela owaganwa udadewabo kaNandi unina weNkosi uShaka, uyise wayeyinkosi uZokufa.[1]

Umlando[hlela | Hlela umthombo]

Impilo nomsebenzi kaSigananda kaZokufa waqala ngesikhathi sokubusa kukaShaka (1816 – 1828), Dingane (1828 – 1840), Mpande (1840 – 1872) kanye noCetshwayo (1872 – 1884). Uyise uZokufa wayengomunye wabantu ababephila ngesikhathi sikaShaka. Umlando uveza ukuthi uShaka wayengakaze akwazi ukunqoba isizwe samaChube, uZokufa ayeyinkosi yabo, kodwa lesi sizwe esincane sazihlanganisa nombuso kaShaka wakwaZulu. Esengumfana uSigananda wayephethe icansi likaShaka, ngaphansi kukaDingane wasebenza ngaphansi kwamabutho we Mkhulutshane. Wayekhona nakubulawa iVoortrekker, uPiet Retief, kanye nabalandeli bakhe emzini kaDingane eMgungundlovu.[2][3]

Izinkomba[hlela | Hlela umthombo]

  1. "Inkosi Sigananda Shezi | South African History Online". www.sahistory.org.za. Kulandwe ngomhlaka 2021-09-10.
  2. "Battle of Ndondakusuka". Archived from the original on 2010-12-02. Kulandwe ngomhlaka 2022-06-07.
  3. Zulu Battles