Thokozani Langa
Thokozani Langa | |
---|---|
Igama lokuzalwa | Thokozani Langa |
Also known as | Somnandi |
Ubezalwa |
Mahlabathini , KwaZulu Natal, eNingizimu Afrika | ngoNhlolanja 9, 1972
Izinhlobo | Mas'kandi |
Abasebenzi | Umculi, umbhali wengoma |
Amathuluzi | Iphimbo |
Isikhathi | 2005–namanje |
Amaqembu | Bula Music |
Amaviyo | Sfiso Ncwane |
Thokozani Langa (9 ngoNhlolanja 1972 -) ubye ziwe ngelika Somnandi ngumculi wohlobo lomculo kaMaskandi osuka endweni yaseMahlabathini, Kwa-Zulu Natal.[1]. Ngonyaka we-2012 kuMklomelo woMculo waseNingzimu Afrika (SAMA) ewinela i-alibhamu engu ngqa phambili kumculo kwaMaskandi, enesihloko esithi I-Protection Order.
Imisebenzi
[hlela | Hlela umthombo]Ngonya wezi-2004 wasayinwa yinkampani ekhiqiza umculo ebizwa ngokututhi yi-Bula Music ukuze akhiphe i-alibhamu yakhe yesithatthu. Emva kukuqgama emsakweni wezwe kanye nasohlwelweni lomculo wesintu elabe lidlala kumabonakude alizawa ngokuthi Ezodumo, igama lakhe laqokwa kuma-SAMA ngonyaka wezi-2013. Lapha wabe eqokelwe kwisigaba se-alibhamu engu ngqa phambili kuMasikandi kanye nengu ngqa phambili kuMbaqanga. Lapha wabe eqokelwe amalibhamu akhe womabili okuyilawa, Iphepha Nepeni (2005) kanye nethi Lishonil' Ilanga (2006). Kulesigaba wabe eqhathwe neqembu lombaqanga i-Soul Brothers kanye noBhekumuzi Luthuli [2].
OkaLanaga wake wabe sembangweni nomunye nomculi kamsakandi uBhekumuzi Luthuli. Ukungathelelani amanzi kwabo kwaze kwaholela ekutheni uLanga akhiphe i-alibhamu eyabe inesihloko esithi Phuma Kimi (2007). Le-alibhamu yanqoba kuMklomelo woMculo weSintu waseNingizimu Afrika kuMandulo ngonyaka wezi-2007, izizwa kwisigabe seCiko leSilisa elihamba phambili.
Ama-alibhamu
[hlela | Hlela umthombo]- Ipeni Nephepha (2005)
- Lishonil'Ilnaga (2006)
- Phuma Kimi (2007)
- Wawuthini? (2008)
- Inganekwane (2009)
- Sthanda iFamily (2010)
- I-Protection Order (Ukuvikeleka oKugunyaziwe) (2011)
- Nganginemali (2012)
- Inyakanyaka (2013)
- Igama Lami (2014)
- Khuzeka Mshana (2015)
- Amabrazo (2016)
- Isiqalekiso (2017)
- Upopayi (2019)
- Iqatha Eliziqobayo (2020)
- Idayimani(2021)
- Iskhiye Secoldroom(2022)
Imiklomelo
[hlela | Hlela umthombo]- 2007- UMklomelo woMculo weSintu waseNingizimu Afrika SATMA - Phuma Kimi - Wanqoba
- 2012 - UMklomelo woMculo ewaseNingzimu Afrika (SAMA) - I-Protection Order - Wanqoba
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Archive copy". Archived from the original on 2011-02-15. Kulandwe ngomhlaka 2012-05-11.CS1 maint: Archived copy as title (link)
- ↑ Maskandi, Music (18 kuNhlolanja 2018). http://wwww.maskandi.co.za/thokozani-langa-albums-and-songs. Kulandwe ngomhlaka 1 kuNhlaba 2018. Missing or empty
|title=
(help)[dead link]