Jump to content

UCosulelwano

Kubuya ku Wikipedia
Marx-Engels-Lenin_(red)

UCosulelwano noma ubudlandawonye, buyinjulalwazi yezomnotho yophiko lobunxele kanye nombutho ohlanganisa izinhlobonhlobo zezinhlelo zezomnotho ezibonakala ngemfundiso yobunikazi bomphakathi bezinsiza zokukhiqiza [1] ngokuphambene nobunikazi obusisulu. Njengebizo, buchaza imibono yezomnotho, ezembusazwe nezenhlalo kanye nemibuthano eyamaniswa nokugunundwa kwalezo zinhlelo. Ubunikazi bomphakathi kungaba obombuso, umphakathi, beqoqodwane, bobambiswano, noma umsebenzi. Njengoba kungekho neyodwa incasiselo ehlanganisa zonke izinhlobo zocosulelwano eziningi, ubunikazi bomphakathi buyisici ezifana ngaso. Izinhlobo ezihlukile zocosulelwano ziyahluka ngeqhaza lezindayi nokuhlelwa ekucosulelaneni izinsiza, ohlakeni lwezokuphatha ezinhlanganweni, kanye nasendleleni yokuphatha kusuka phezulu kuya ezansi noma ukusuka ezansi kuya phezulu, okwenza abanye abacosulelani bathanda iqembu, umbuso, noma indlela yezikhulu. Abacosulelani bayaphikisana ngokuthi ingabe uhulumeni okhona, angaba insiza efanele yenguquko.

Izimiso zocosulelwano zihluke zaba uhlobo ezimbili, olwendayi nolungenandayi. Ucosulelwano olungenandayi lwenana isici sendayi kwezinye izikhathi nemali ngokuhlelwa komnotho okudidiyelwe nokungcikishwa noma uhlelo lobuchule olwesekwe kuqaqululo olufanayo, ngaleyondlela lukhiqiza isimiso sezomnotho elihlukile nesisebenza ngemithetho yezomnotho nemidkizo ehlukile kunaleyo yobuhlohlesakhe. Isimiso socosulelwano olungenandayi sifuna ukuqeda ngokungasebenzi, ukungabi namqondo, nokungaqayizeleki, kanye nobuqhashiya osomcosula abakuyamanisa nokundondela imali kanye nesimiso semveza yobuhlohlesakhe. Ucosulelwano lwendayi lona lugcina ukusetshenziswa kwezintengo zemali, izindayi futhi kwezinye izimo impisekelo yemveza, ngokuqondene nokugidingwa kwemihibo enobunikazi bomphakathi nasekwabiweni kwezingudla eziyintshahla emphakathini. Izimveza ezithelwa yileyo mishumanqa ilawulwa ngokuqondile abasebenzi bomshumanqa ngamunye noma ziyiswe emphakathini wonkana sekuyimihlomulo yomphakathi.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Elithi ucosulelwano liyigama lesiZulu elihumusha elithi socialism, elivela kwelesiLathini elithi sociare, elisho ukuthi ukuhlanganisa noma ukwabelana. NgesiZulu elithi ucosulelwano lisuselwa esishweni esithi abantwana bendlu eyodwa bacosulelana inhloko yentethe. Ukucosuselana isenzo esivela kusenzukuthi cosu esisho ukwabelana noma ukuhlephulelana ngensiza kancane kancane ngokulinganayo.

Igama lesiZulu elithi ucosulelwano lihambisana kahle necazelo kaPierre Leroux, ongowokuqala ukusebenzisa elithi 'socialism' kumhlela obizwa Le Globe ngowe-1832. ULeroux wayengumlandeli kaHenri de Saint-Simon, omunye wabasunguli balokho kamuva okwabizwa ngocosuselwano lendwemozwe. Ucosuselwano baluqathanisa nesifundiso sobukhulula somuntu siqu esasigcizelela isizima sesibili somuntusiqu kuyilapho singqekelela ukuba abantu kufanele bacondoze sengathi baqhingiwe kwabanye. Abacosulela bokuqala basigxeka lsifundiso somuntusiqu njengoba sasihluleka ukubhekana neminako yezenhlalo ngenkathi yeNguqulo Yezimboni, ehlanganisa ububha, ukucindezelwa, nokungalingani ngokomcebo. Babethi umphakathi ulimaza Impilo yawo ngokugxila kakhulu ekuncintisaneni. Futhi baveza ucosulelwano njengendlela engalungisa lokhu ngokuthi kucoselelwabe izinsizakusebenza.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named oxfordcomp