UCosulelwano
UCosulelwano noma ubudlandawonye, buyinjulalwazi yezomnotho yophiko lobunxele kanye nombutho ohlanganisa izinhlobonhlobo zezinhlelo zezomnotho ezibonakala ngemfundiso yobunikazi bomphakathi bezinsiza zokukhiqiza [1] ngokuphambene nobunikazi obusisulu. Njengebizo, buchaza imibono yezomnotho, ezembusazwe nezenhlalo kanye nemibuthano eyamaniswa nokugunundwa kwalezo zinhlelo. Ubunikazi bomphakathi kungaba obombuso, umphakathi, beqoqodwane, bobambiswano, noma umsebenzi. Njengoba kungekho neyodwa incasiselo ehlanganisa zonke izinhlobo zocosulelwano eziningi, ubunikazi bomphakathi buyisici ezifana ngaso. Izinhlobo ezihlukile zocosulelwano ziyahluka ngeqhaza lezindayi nokuhlelwa ekucosulelaneni izinsiza, ohlakeni lwezokuohatha ezinhlanganweni, kanye nasendleleni yokuphatha kusuka phezulu kuya ezansi noma ukusuka ezansi kuya phezulu, okwenza abanye abacosulelwa bethanda iqembu, umbuso, noma indlela yezikhulu. Abacosulelwa bayaphikisana ngokuthi ingabe uhulumeni okhona, angaba insiza efanele yenguquko.
- ↑ Cite error: Invalid
<ref>
tag; no text was provided for refs namedoxfordcomp