Jump to content

UManyazini

Mayelana Wikipedia

Umanyazini ungumXube ongemvelo onesicabayo sevange i-KMnO 4 . Ulitswayi eliwumncwebe onombala onsomi sampisholo, uyancibilika emanzini njenge -K + nesihonyo se MnO− MnO ukuze ukhiphe isibhunyelo esindwebu ngokombala esiba ngathi sinsomi.

Umanyazini usetshenziswa kabanzi embonini yeziqa nasezingqalabeni njengesithako esithuhlisayo, futhi njengomuthi we -dermatitis, wokuhlanza amanxeba, kanye nokukhucula amagciwane. Ngokuvamile usetshenziswa njengesijuqaziphili lapho kuchwenzwa amanzi . Umanyazini lusohlwini Lwemithi Ebalulekile Yenhlangano Yezempilo Yomhlaba . Ngonyaka wezi-2000, ukukhiqizwa kwawo emhlabeni wonke kwakulinganiselwa kumathani angu-30,000. [1]

Isibhunyelo se-KMnO 4 emanzini, egabheni lomthamo
  1. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named WHO21st