UQedani Mahlangu

Mayelana Wikipedia

UQedani Dorothy Mahlangu Isi-Arabhu: كيداني ماهلانجو

‎ (wazalwa ngomhla ka 12 Meyi ngo 1968, eBethal, eMpumalanga[1]) wayenguMEC wezeMpilo neNthuthuko yabantu eGauteng[2] wesula esikhundleni ngemuva kokuba kukhishwe umbiko, ukhishwa ngu-ombudsman wezempilo, ngesimo sokushona kweziguli ezingu 94 ezazigula ngengqondo[3][4] kanti lo mbiko wabuye waziwa njengamanyala ezempilo esidimeni waziwa ngokuthi yi-The Life Healthcare Esidimeni Scandal.[5] Ube sezikhundleni ezehlkene kuhulumeni wase-Gauteng ukusukela ngo 2004, ezibandakanya ukba nguMEC wezeMpilo, kanti waqokwa kulesi sikhundla phakathi kweminyaka ka 2009 - 2010[6] kanti futhi wabuyela kulesi sikhundla ngonyaka ka 2014 ukuya kunyaka ka 2017.[7]

Ngisho noma esule esikhundleni sokuba yiLungu Lesigungu esiphethe (Member of Executive Committee) kanye neLUngu leSishayamthetho seProvinsi, uMahlangu uselokhu eyilunga lesiGungu esiphethe se-ANC eGauteng.[8]

Impilo yakhe ekuqaleni kanye ne-career[hlela | Hlela umthombo]

Impilo yakhe ekuqaleni kanye nemfundo[hlela | Hlela umthombo]

UQedani Mahlangu wazalwa ngomhla ka 12 Meyi 1968 eBethal, edolobheni lepulazi eMpumalanga, eNingizimu Afrika.[1] Ngemuva kokuqeda iimfundo yesikole sesekondari, wakhwalifaya njengotThisha wase eyofundela idiploma ye-Advanced Diploma in Economics e-University of the Western Cape. Futhi phezu kwalokho, wayokwenza ikhosi yediploma ephakeme eLondon School of Economics kanye nohlelo lwediploma ye-economics eWilliams College eMassachusetts, USA. Wanikezwa i-Honours Degree in Economics eUniversity of the Western Cape.[2]

I-career kwezePolitiki[hlela | Hlela umthombo]

UMahlangu wajoyina i-South African Youth Congress ngeminyaka yoma 1980, kanti emuva kwalokho wajoyina i-ANC Youth League ngeminyaka yokuqala koma 1990. Waqhubekela phambili kwizikhundla ze-ANC Youth League esezikhundleni ezehlukene, ukusukela emagatsheni ukuya emkhakheni kazwelonke. Ubulunga bakhe baqhubeka busuka ku-ANC Youth League ukuya kwi- African National Congress waba yilungu ngokuphelele, kanti emuva kwalokho waba yiLunga lePhalamende ngonyaka ka 1998, esebenze njengosotshwebhu (Whip) weGauteng ku-National Council of Provinces. Ngemuva kokhetho lonyaka ka 1999, waqokwa ukuba nguSihlalo we-Select Committee on Finance ku-National Council of Provinces, isikhundla aba kuso ukufikela ngonyaka ka 2004.[9]

Usebambe izikhundla kwizakhiwo ze-ANC ezehlukene, ezibandakanya ukuba yilunga lesiGungu esiphethe se-ANC seprovinsi ye-Gauteng ukusukela ngonyaka ka 2002. Ukusukela ngonyaka ka 2003 ukufikela ngo-Epreli ka 2004, wabekwa ukuba ngomunye wababhekene nokhetho ku-ANC eGauteng kanye nakuzwelonke.[1][2][9]

UMahlangu ubekwe njengomxhumanisi we- Constituency Contact endaweni ye-Kliptown kanye ne-Midvaal ANC Constituency Offices kwisishayamthetho seGauteng Provincial Legislature.[10]

Uhulumeni weProvinsi eGauteng[hlela | Hlela umthombo]

Ukuba nguMEC wohulumeni bezindawo[hlela | Hlela umthombo]

UMahlangu waqokwa ukuba yiLungu lesiGungu esiphethe i-Member of Executive Council ngo 2004 kanti waba kulesi sikhundla esisha sohulumeni bezindawo ukufikela ngonyaka ka 2009, lapho ayengamele khona omasipala kwiprovinsi. Ngesikhathi ekulesi sikhundla, waqala umkhankaso owawubizwa ngokuthi yi-"Operation Consolidate" owawunenhloso yokuthuthukisa inqubo yezimali zomasipala ngemuva kokuba umcwaningi omkhulu wezimali u-Auditor-General ekhombise ukukhathazeka kakhulu ngokuphathwa komasipala. UMahlangu wamemezela ukuthi kunqunywe amasevisi kwiminyango kahulumeni weprovinsi kanye neminyango kahulumeni kazwelonke, leyo engakhokheli ama-rate namassevisi, lokhu ekwenzela ukuthuthukisa isimo sokulawula izikweledu emkhakheni womasipala.[11]

UMahlangu watholakala ethinteka kuphenyisiso lweforensiki, olwenziwa yifemu ye-Pasco, eyathola ukuthi kube nezitende ezimbili e-Meyersdal Nature Estate ezazithengwe nokuthengiswa ngungqongqoshe wohulumeni bezindawo weGauteng. Ngokusho kwabaphenyisisi beforensiki, lokhu kuthengiswa nokuthengwa kwakwenziwe ngenqubo engaqondile (“irregularly”).[12] Ukhomishina wezobuqotho wesishayamthetho seGauteng, uJules Browde, wacelwa yii-Democratic Alliance tukuphenyisisa ngalokhu kuthengiswa kwezitende, kanti wathola ukuthi, ukuthengiswa kwakwenziwe ngendlela efanele kwenziwa ngu-MEC.[13]

U-MEC Wokuthuthukiswa koMnotho[hlela | Hlela umthombo]

UMahlangu waqokwa kwiphotfoliyo yokuba yiLungu lesiGungu esiphethe kwezokuthuthuthukiswa komnotho (Economic Development as a member of Executive Committee) ngo 2010, ngaphansi kukaPremiya uNomvula Mokonyane. Ngonyaka ka 2012 wahola ukusungulwa kwama-Township Enterprise Hubs eSebokeng; eSharpville; eKagiso; eKatlehong; eWinterveld, nase-Tembisa. I-hub ne-hub yayizohlinzeka ngama-Automotive cluster; Services cluster kanye ne-Light manufacturing cluster.  La ma-hub emuva kwalokho emukelwa nguhulumeni weprovinsi ngokusetshenziswa kwezimali kuwo ukufinyelela ku 5% webhajethi elinganiselwa uR10bhiliyoni ye-procurement, ukuthi uhulumeni athenge kuwo impahla namasevisi, kumabhizinisi asemalokishini, lokhu kwakuzofinyelelwa ekupheleni konyaka ka 2015.[14][15][16]

Phakathi konyaka ka 2011 no 2013, uMahlangu wasebenza ukusungula inqubo yemitheshwana yolawulo ngamalayisense eyayaziwa ngokuthi yi-Gauteng Liquor Regulations on Shebeen Licences, ngokulandela umthetho wezotshwala we-Gauteng Liquor Act,2003. Ngaphansi kwalolu hlaka lomtheshwana wolawulo, Izimvume zamashebhini isikhundla sazo sasizothathwa ngamlayisense amashebhini, amalayisense ayenikezwa yibhodi lezotshwala laseGauteng i-Gauteng Liquor Board. Lolu hlaka lwamalayisense lwalunenhloso yokuqeda ukuthengiswa kotshwala ngamaSonto kanye namaholidi ezenkolo, kanye nokuvimbela ukuthi kungabi namashebhini noma amathaveni ebangeni elungu 500 wamamitha eduzane nesikole noma eduzane nendawo okukhonzwa kuyo.[17][18] Lolu hlaka lwamukelwa emiphakathini, kodwa kunabanye abathintekayo abaphikisana nalo, futhi basho nokuthi kuzoba nzima ukusebenza ngokulandela lolu hlaka.[19] Eminye yezinto ezafakelwa kulolu hlaka, yagcina isixegisiwe, okwaxegiswa kubandakanya udaba lokuthengiswa kotshwala ngamaSonto.[20]

UMahlangu waxosha ibhodi nosihlalo wayo uPrince Mafojane, ngo 2012 lapho ibhodi liphikisa isinqumo sakhe sokuthi amahhovisi alo asuke eBramley aye ebhilidini elisha lomnyango wezentuthuko yomnotho, ibhilidi elalitholakala emaphakathi nedolobhakazi le-Johannesburg.[21][22] Amallunga ebhodi ahambisa loludaba enkantolo ephakeme i-the Supreme Court of Appeals South Africa kanti futhi anqoba kulolu daba ngomhla ka 27 Meyi 2013. Inkantolo yanquma ukuthi, uMahlangu uthathe isinyathelo ngenhloso engaqondile, ukucindezela iBhodi ukuthi liye ebhilidini uhulumeni ayengumnikazi walo, kanti futhi, inkantolo yabuye yanquma nokuthi isinqumo sakhe sokuxosha ibhodi, sihlehliswe sibekelwe eceleni, kanti ifuthi inkantolo yabonisa ukukhathazeka kakhulu ngendlela uMEC ayeziphathe ngayo yokungahloniphi ibhodi.[23]

Ukuba ngu-MEC Wokuthuthukiswa kwezingqalasizinda[hlela | Hlela umthombo]

Ngo 2014, uPrimiya uNomvula Mokonyane, u-MEC wezezimali, uMandla Nkomfe kanye noMEC wezingqalazizinda, uQedani Mahlangu, batholakala benganecala, yikomidi lenkambiso yokuziphatha kahle i-Gauteng legislature's privileges and ethics standing committee ngemuva kokuba ikhomishana yokuziphatha ngokuqotho (integrity commission) iphenyisise ngokusetshenziswa kwemali ngendlela yenkwabaniso maqondananabo. UMahlangu wayalelwa ukuthi akhokhe imali engu- R7309 ayeyisebenzise ukuzithengela izimpahla zakhe ngokusebenzisa i-credit card yombuso, lapho evakashele e-Istanbul, eTurkey, ngesikhathi evakashele lapho ngonyaka ka 2013.[24][25]

Ukuba nguMEC wezeMpilo neNtuthuko yabantu[hlela | Hlela umthombo]

2009 - 2010[hlela | Hlela umthombo]

NgoJuni 2007 uMnyango wezeMpilo, eGauteng, waphetha isivumelwano senqubo yokusebenza nenkampani ye-Baoki Consortium and 3P Consultants kanti ngalesi sivumelwano, inkampani ye- 3P Consulting yayinesibopho sokusungula iyunithi ye-Project Management Unit fyoMnyango, ukuqala inqubo ye-Health Information System and Electronic Health Records ezibhedlela namakliniki aseGauteng. Ngomhla ka 23 Mashi 2009 isivumelwano sabuye sanwetshwa eminye iminyaka emithathu, lokhu kwenziwa nguMEC wezempilo wangaleso sikhathi u-Brian Hlongwa. UMahlangu wathatha isikhundla sikaHlongwa njengoMEC wezeMpilo ngomhla ka 8 Meyi, ngemuva koKhetho Lukazwelonke, njengengxenye yekhabhinethi yeprovinsi yokuqala kaNomvula Mokonyane.[26] Emuva kwalokho, uMahlangu wabuyekeza amaprojekthi, kwathi ngomhla ka 1 kuJulayi 2009, wabhala incwadi eyibhalela abe 3P Consulting echaza ukuthi umnyango ukhansela ukunwetshwa kwesivumelwano nenkampani ye 3P Consulting. Ngokusho kwe-afiidevithi kaMahlangu, lokhu kwakungoba kunezinsolo ezinkulu kanye nokubonisa ukungahanjiswanga kahle ekunwetshweni kwesivumelwano. Kwaba nokuphikisana kakhulu ezinkantolo phakathi kwenkampani nomnyango, kwathi ngomhla ka 18 Februrwari 2010, inkantolo ephakeme ye-South Gauteng High Court (Lamont J) gyakhipha isinqumo sokuthi isivumelwano phakathi komnyango nabenkampani ye 3P Consulting sasiphethwe ngokusemthethweni futhi sanwetshwa ngokufanele.[27] Umyango wenza i-aphili ngesinqumo senkantolo, kanti awangaphumelela kwi-aphili, kanti futhi ngomhla ka 7 Februwari 2011, inkantolo yomthethosisekelo i-Constitutional Court yanqabela umnyango ukwenza enye i-aphili. Ngomhla ka 13 Okthoba, abe 3P Consulting, bafaka isicelo enkantolo ukuthi umnyango ubakhokhele imali engu-R99miliyino, engabandakanyi inzalo nezindleko. Lesi sicelo senkampani saphikiswa abomnyango, bathi lolu daba kumele luye enkantolo. Ngaphambi kokuba lokhu kwenzeke, inkampani ye 3P yafakelwa kwilikhwideshini okusho ukuthi yawa. Kanti isicelo semali kumnyango kwakuyiyona kuphela impahla yenkampanii. Abavali bezinkamp;ani eziwayo, benza isicelo sokuthi kuqokwe umkhomishina ukuphenyisisa ngenkampani, kanye nokubona ukuthi ngabe kufanele yini ikwazi ukukleyima imali kumnyango ukuthola imali eyayikleyima kumnyango.[28][29] NgoJulayi 2014, abophiki lukazwelonke lokushushisa i-National Prosecuting Authority benza isicelo eNkantolo ephakeme yaseNingizimu ne-Gauteng, somyalelo wokugcina impahla ekleyimiwa yinkampani ye 3P Consulting kumnyango wezeMpilo waseGauteng, lokhu okwenza ukuthi leyo kleyimi ithathwe njengekho emthethweni, kanti futhi nokuthi impahla yenkampani ithathwe njengetholakale ngokungekho emthethweni, lokhu okwabangela ukuthi impahla engumuzi  wezinga eliphezulu kaHlongwa idliwe umthetho.[30][31]

Ngomhla ka 19 Meyi 2010, izingane eziyisithupha ezizalwa singakafiki isikhathi  zafa zibulawa wuhhudo (ekuqaleni kwabikwa uuthi kushone izingane ezinhlanu) izingane zabulawa wuhhudo esibhedlela se-Charlotte Maxeke Academic hospital  eJohannesburg. UMahlangu wakwamukela ukuthi kukhona  abangakwemukela emahlombe abo ngokushona kwezingane, kodwa waphika uuthi kube nobudedengu ngasohlangothini lwesibhedlela noma abasebenzi besibhedlela. UProfessor Keith Bolton, owayeyinhloko yezifo zezingane i-paediatrics esibhedlela seRahima Moosa Hospital, wasiza ukwenza umbiko owabonisa ukuthi lesi simo kwakuyisimo esingavamile. Imindeni ayizange ithole isinxephezelo ngokushona kwezingane kwabomnyango wezempilo.[32][33]

NgoSeptemba 2010, uMahlangu wengamela ukuvalwa kwezibhedlela ezingu 3 zesifo sofuba i-TB kwiprovinsi yaseGauteng, amagama ezibhedlela okuyilezi, i-Charles Hurwitz TB Hospital eSoweto, i-Tshepong TB Hospital eTshwane, kanye ne-East Rand TB Hospital Ekurhuleni. UMahlangu wavikela isinqumo sakhe sokuvalwa kwezibhedlela ezintathu zesifo sofuba eGauteng, njengento efanele ukonga imali kanye nokuthi imithombo yosizo izofakelwa lapho edingeka khona kakhulu, lapho okwakulinganiselwa ukuthi ngokuvalwa kwalezi zibhedlela kuzokongeka imali elinganiselwa ku-R3 Million ngonyaka[34][35]

2014 - 2017[hlela | Hlela umthombo]

Ukusukela ngoJanuwari ku 2010, ukuya ekupheleni konyaka ka 2014/15, umnyango wezempilo weprovinsi wakhokha imali elinganiselwa ku-R544miliyoni ngokulinyalelwa kwabantu ezibhedlelal, kanye nokukhokhela amacala obudedengu kwezokwelashwa. UMahlangu wayalelwa nguPrimiya Makhura ukuthi azame ukubheka ezinye izindlela zokuxazulula amacala obudedengu kunokusebenzisa izinkantolo lapho khona umnyango otholakele unecala kudaba lwabantu lwesibalo sika 168 ngaleso sikhathi.[36] Amanye amacala obudedengu kwezokwelashwa, abandakanya onogada abavimbela iziguli ukungena emakliniki, lokhu okwaholela ekushoneni kweziguli ezimbili ngo 2015,[37] kanye nokulimala ngengqondo okwabangela isifo se-cerebral palsy, enganeni yomfana, lapho khona abasebenzi basesibhedlela abehluleka ukuqaphela kahle, le ngane ngemuva kokuba izelwe ngonyaka ka 2007.[38]

Ngo 2015, uMahlangu wamemezela isinqumo somnyango wakhe sokukhansela ikontraki nabezibhedlela zangasese ze-Life Healthcare kanye namafasilithi yabo yeziguli ezigula ngengqondo i-Life Esidimeni psychiatric facilities lokhu, wathi ukwenzela ukonga imali, njengoba umnyango usebenzisa imali elinganiselwa ku-R320 ngosuku kwisiguli nesiguli esibhedlela se-Life Esidimeni. Iziguli eziningi zazizohanjiswa zisiwe ezindaweni zonakekelo emiphakathini ezingabizi kakhulu ngemali. UMahlangu waphikiswa kakhulu ngesinqumo nesenzo sakhe ngabantu basemphakathini, kodwa yena waphikelela nesinqumo sakhe. Ochwepheshe, imindeni kanye namashanhliziyo, baxwayisa ukuthi lezi zinhlangano zemiphakathi okwakuhanjiswa kuzo iziguli ngengqondo, ngeke zakwazi uunakekela iziguli ngendlela ezazinakekelwa ngayo esibhedlela sase-Life Esidimeni ngonakekelo eziludingayo.[39] Ngomhla ka 13 Septemba 2016, kudaba olwaziwa ngokuthi amanyala onakekelo lwezempilo, udaba olwaziwa ngokuthi yi-Life Healthcare Esidimeni Scandal, uMahlangu lapho ephendula umbuso womolo kwisishayamthetho, umbuzo owabuzwa nguJack Bloom, waphendula wathi ziguli ezingu 36 ezigula ngengqondo ezisusiwe endaweni yonakekelo ye-Life Healthcare Esidimeni, ezishonile ngo 2016 ngesikhathi zifakelwe kwizinhlangano zama-NGO.[40] Lokhu kwabangela ukuthi uNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi ukuthi acela u-ombudsman wezempilo u-Professor Malegapuru W Makgoba ukuthi aphenyisise ngokufa kweziguli, ezinsukwini ezimbili ngemuva kokuba uMahlangu edalule ngalokhu kushona kweziguli.[41] Umbiko owacelwa nguNgqongqoshe wezeMpilo wakhishwa ngomhla ka 1 kuFebrurwari 2017, ngemuva kokuba umbiko ubanjezelwe nguMahlangu ngoba ethi ufuna ukuba nesikhathi esenele sokufunda umbiko, kanti futhi uMahlangu efuna nokuthi kungezelwe isikhathi sokuthi aziphendulele kumbiko.[42] Umbiko waphetha ngokuthi kuneziguli ezingaphezulu kwesibalo sika 36 ezifile, kanti futhi umbiko wancoma ukuthi isimo sikaMahlangu sokuba ngu-MEC kumele sibuyekezwe ngoba uMahlangu obonakala engafanele ukuba ngu-MEC wezempilo.

UMahlangu wesula ekubeni nguMEC wezeMpilo eGauteng, ngemuva kokuba kukhishwe umbiko ka-Ombud wezeMpilo, kanti uPrimiya uMakhura wamemezela ukuthi uzoqoka uSekela Ngqongqoshe wezeMpilo u-Gwen Ramokgopa ukuthi abe ngu-MEC wezeMpilo eGauteng, kanti u-MEC wentuthuko yabantu eGauteng u-Nandi Mayathula-Khoza uzoba yibamba elisabambele njenge-MEC yezempilo.[43]

Uphenyisiso ngokufa kweziguli, lwatshelwa ukuthi uMahlangu wayezimisele uunikeza ubufakazi, kodwa akatholakali ngoba ubhala izivivinyo zezifundo e- London School of Economics. Abalesi sikhungo, bathi akukho zivivinyo ezibhalwa nguMahlangu lokhu kwakungamampunge wodwa.[44]

Impilo yakhe siqu[hlela | Hlela umthombo]

UQedani Mahlangu akashadile, kanti unengane eyodwa, egama layo kungu-Nkululeko Chris Skhosana owazalwa ngonyaka ka 1996.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. 1.0 1.1 1.2 "Qedani Mahlangu - e-Government & ICT Summit 2015". www.e-govsummit.gauteng.gov.za (in i-English). Archived from the original on 2017-03-12. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-10.
  2. 2.0 2.1 2.2 "GAUTENG ONLINE - Your Government - at the click of a button". www.gautengonline.gov.za. Archived from the original on 2017-02-16. Kulandwe ngomhlaka 2017-02-16.
  3. "Who Is Qedani Mahlangu, The Gauteng MEC Who Resigned Over The Life Esidimeni Scandal?". Huffington Post South Africa. Archived from the original on 2017-02-16. Kulandwe ngomhlaka 2017-02-16.
  4. Makgoba, Malegapuru. "NO GUNS: 143+ SILENT DEATHS AND STILL COUNTING" (PDF). www.ohsc.org.za. HEALTH OMBUD - The Office of Health Standards Compliance (OHSC). Kulandwe ngomhlaka 16 February 2017.[dead link]
  5. "How The Hell Did 94 Psychiatric Patients Die? The Life Esidimeni Deaths Explained". Huffington Post South Africa. Archived from the original on 2017-02-17. Kulandwe ngomhlaka 2017-02-16.
  6. "Annual Report 2009-2010" (PDF). www.health.gpg.gov.za. Gauteng Department of Health. Archived from the original (PDF) on 16 February 2017. Kulandwe ngomhlaka 16 February 2017.
  7. "Annual Report 2015-2016" (PDF). www.health.gpg.gov.za. Gauteng Department of Health. Archived from the original (PDF) on 16 February 2017. Kulandwe ngomhlaka 16 February 2017.
  8. "Newsmaker: From hero to zero". News24. Archived from the original on 2017-04-25. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  9. 9.0 9.1 "New Health MECs". Health-e. 2009-05-13. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-24.
  10. "Dorothy Mahlangu". People's Assembly. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-24.
  11. "Cut services to municipalities: Gauteng MEC | IOL". Kulandwe ngomhlaka 2017-03-24.
  12. Burbidge, Matthew. "What is Ekurhuleni council hiding?". The M&G Online (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2017-03-24.
  13. Basson, Yolandi Groenewald, Adriaan. "Massive Ekurhuleni land probe". The M&G Online (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2017-03-24.
  14. "Statement by Gauteng MEC of Economic Development Qedani Mahlangu elaborating on key government programmes announced by the Premier in her speech | South African Government". www.gov.za (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  15. Advertorial. "Radical township transformation". The M&G Online (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  16. "Media Releases". www.blueiq.co.za (in i-English). Archived from the original on 2017-03-26. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  17. "Shebeen Licences". News24. Archived from the original on 2017-03-27. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  18. "Gauteng liquor licences to be reviewed". Fin24. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  19. Holmes, Thalia. "It's time for shebeens to sober up". The M&G Online (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  20. Jamal, Penwell Dlamini and Shenaaz. "Last round at boozers near schools and churches". Times LIVE. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  21. Molele, Charles. "Gaming board defies MEC". The M&G Online (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  22. "Gauteng Gambling Board and Another v MEC for Economic Development, Gauteng Provincial Government (620/2012) [2013] ZASCA 67; 2013 (5) SA 24 (SCA); [2013] 3 All SA 370 (SCA) (27 May 2013)". www.saflii.org. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  23. "Gauteng Gambling Board and Another v MEC for Economic Development, Gauteng Provincial Government (620/2012) [2013] ZASCA 67; 2013 (5) SA 24 (SCA); [2013] 3 All SA 370 (SCA) (27 May 2013)". www.saflii.org. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-26.
  24. Sapa. "Mokonyane must answer for alleged abuse of state credit cards: DA". Times LIVE. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-27.
  25. Sapa. "Mokonyane must answer for alleged abuse of state credit cards: DA". Times LIVE. Kulandwe ngomhlaka 2017-03-27.
  26. "Roering NO and Another v Mahlangu and Others (581/2015) [2016] ZASCA 79; [2016] 3 All SA 466 (SCA); 2016 (5) SA 455 (SCA) (30 May 2016)". www.saflii.org. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-13.
  27. "MEDIA SUMMARY – JUDGMENT DELIVERED IN THE SUPREME COURT OF APPEAL: Roering and Another NNO v Qedani Mahlangu" (PDF). The Registrar, Supreme Court of Appeal. 29 May 2016. Archived from the original (PDF) on 13 April 2017. Kulandwe ngomhlaka 13 April 2017.
  28. "Former Gauteng MEC for Health implicated in "massive corruption"". Health-e. 2015-01-26. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-13.
  29. Bailley, Candice (27 July 2014). "Hlongwa's 1.4bn "Corruption Ring"". Sunday Independent. Kulandwe ngomhlaka 13 April 2017.
  30. "Former Gauteng MEC for Health implicated in "massive corruption"". Health-e. 2015-01-26. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-13.
  31. Bailley, Candice (27 July 2014). "Hlongwa's 1.4bn "Corruption Ring"". Sunday Independent. Kulandwe ngomhlaka 13 April 2017.
  32. Reporter, Staff. "Investigation after five babies die at Jo'burg hospital". The M&G Online (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2017-04-13.
  33. "TB hospitals closed in Gauteng". News24. Archived from the original on 2017-04-25. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  34. "TB hospitals closed in Gauteng". News24. Archived from the original on 2017-04-25. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  35. "Three TB hospitals shut down | SA News". www.sanews.gov.za (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  36. "Gauteng health dept pays out R544m in negligence cases". News24. Archived from the original on 2017-04-25. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  37. "Mahlangu cracks whip after kids' deaths". News24. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.[dead link]
  38. "Gauteng Health MEC admits liability for baby's brain damage". Health24. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  39. "Report into death of mentally ill patients to be released". News24. Archived from the original on 2017-04-25. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  40. Digital, TMG. "36 transferred psychiatric patients have died in Gauteng". Times LIVE. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  41. "Gauteng Health MEC Qedani Mahlangu resigns". News24. Archived from the original on 2017-04-25. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  42. "Report into death of mentally ill patients to be released". News24. Archived from the original on 2017-04-25. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  43. "Gauteng Health MEC Qedani Mahlangu resigns". News24. Archived from the original on 2017-04-25. Kulandwe ngomhlaka 2017-04-24.
  44. Gonzalez, Laura Lopez. "#LifeEsidimeni: Mahlangu's alleged school confirms no exams scheduled". Bhekisisa (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2017-10-26.