UbuChwepheshe boKwaziswa nezokuXhumana

Mayelana Wikipedia
Ibalazwe lesicabango sokusetshenziswa kobuchwepheshe boKwaziswa nokuxhumana (uKwaziswa) kwinhlolokhono yezemfundo ngokwe-International Federation of ICT (i-IFGICT)

UbuChwepheshe boKwaziswa nokuXhumana (obubizwa nangokuthi ubuChwepheshe bezoKwaziswa nezokuXhumana) igama elijija lelo elithi ubuChwepheshe bezoKwaziswa (CK - ngesilumbi IT) eligcizelela iqhaza lezokuxhumana eziBumbene kanye nokudidiyelwa kwezokuXhumanakude (telecommunications) (izintambo zocingo neziyabizo ezingenantambo) nezicikizi, kanye namahlelokusebenza athengiswayo ayimfuneko, iziphathamniningo nokunye okwenza abasebenzisi bezicikizi bakwazi ukufikelela, ukugcina, ukufufukisa, ukuqonda nokulumba ukwaziswa.

UbuChwepheshe boKwaziswa nezokuXhumana (CKX) igama elibuye lisetshenziswe lapho kubhekiselwa ekuhlanganeni kwemibukomsindo (audiovisuals) namaxhoxho wocingo kanye namaxhoxho wesicikizi endophini eyodwa noma ngohlelo lokhongco. Kukhona izinxephezelo ezinkulu ezingokomnotho zokuhlangaisa amaxhoxho wezincingo kanye nohlelo lwexhoxho lwesiCikizi ngokusebenzisa uhlelo olubumbene olulodwa lokufaka izindophi, ukusabalalisa isiyabizo, nokuphathwa. I-CKX yibizo elihlanganisa kwasani, noma iyiphi inguxa yezokuxhumana, kuhlanganisa nomsakazo, umabonakude, omakhalekhukhwini, izimiso zamaduna nokunye, kanye nezinkonzo nezilekeleli ezihlukene zazo ezifana ukungqungquthela ngombukiso nokufunda buqamama. I-CKX ibuye ihlanganise nobuchwepheshe benzuko, obufana nokuxhumana ngephepha, nanoma iyiphi indlela yokufufukisa ukuxhumana.

I-CKX iyisihloko esibanzi esinezicabango ezithubekayo. Sihlanganisa noma yimiphi imikhiqizo engakwazi ukugcina , ukulanda, ukuthonya, nokufufukisa , noma ukwamukela ukwaziswa ngamazuba noma ngesimo sezezibhangqiwe (isb. izicikizi kuhlanganisa nomakhalipha, omabonakude bezezibhangqiwe, incwazuba, nezithununu). UHlaka lwakaKhono weNkathi yoKwaziswa lungolunye unongo lokuchazisa nokuphathwa kokufaneleka kwezingcwepheshi ze-CKX kuleli khulu lama-21.