Ucwazi

Mayelana Wikipedia
Izinto zasendlini ezakhiwe ngezinhlobo ezahlukahlukene zocwazi

Ucwazi igama elihlanganisa izinhlobonhlobo zezinto ezilunjanisiwe noma ezikhandwe ngezithako ezilunjaniswe kancane kusetshenziswa izintshogcezi njengezithako eziyinhloko. Ubucwazi bazinto eziwucwazi benza kube lula ukuba zicabayeke, zakheke noma zicindezelwe zibe izinto ezinqumile zemimo ehlukahkukene. Ukubumbeka kanye nezinye izakhi ezinhlobonhlobo ezifana nokuba luhlengesi, ukungagugi, ukubhebgcezeka, nokungambi eqolo lapho zikhiqizwa, kwenze kwanda kakhulu ukusetshenziswa kwazo. Ocwazi bavame ukukhandwa ngokwezimiso zezimboni ezinkulu. Iningi locwazi banamuhla bakhandwa kususelwa ezivuthisini zeziqa ezifana nohowo lwemvelo noma amafuthetshe; kodwana, izindlelasu zokukhiqiza zezimboni zakamuva zisebenzisa imixhantela ekhandwe ngezithako ezivuselelekabusha, ezifana nalezo ezigqotshwe kummbila noma kukotini.