Ukhongco

Mayelana Wikipedia
Isibonelo sokhongco esivame ukubonakala esipheqululini solwebu, esinesikhombi esihubeza phezu kwaso

KwezokuCikiza, ukhongco luyisiqondisi sezezibhangqiwe esiyisana emniningweni umsebenzisi angase ayilandele noma aqondiswe kuyo ngokuthi aqhebeze nje kuphela. Ukhongco lukhomba embhalweni ophelele noma esicini esiqondile esisembhalweni. Isiqakaqulu sona siyisiqakaqo esinamakhongco. Isiqakaqo okukhongcwa kusuka kuso sivame ukubizwa isiqakaqo nqala. Isimiso sehlelokusebenza esisetshenziselwa ukubuka nokudala iziqakaqulu siyisimiso sesiqakaqulu, futhi ukudala ukhongco kubizwa ukukhongca. Umsebenzisi olandela amakhongco kuthiwa uyaphequlula noma uphequlula isiqakaqulu.