Ukubuthwa kwemininingo

Mayelana Wikipedia
Isibonelo sokubuthwa kwemininingo kwinzululwazi yempilo: Izinguza zase-Adélie ziyahlonzwa futhi zilinganiswe isisindo isikhathi ngasinye lapho ziwela umcabeko wokulinganisa ohlelelekiwe lapho ziya noma zibuya olwandle.

Ukubuthwa kwemininingo (noma ukuqoqwa kwemininingo) umdludlungu wokubutha nokulinganisa ukwaziswa okufunwayo esimisweni esisunguliwe, ukuze kutholakale izimpendulo zemibuzo futhi kucutshungulwe iziphumo. Ukubutha imininingo kuyisigcoyi socwaningo kuyo yonke imikhakha yemfundo, kuhlanganisa izinzululwazi zoqobo nezenhlalo, kwezoluntu nakwezohwebo.