Ukufudumala kwembulunga

Mayelana Wikipedia
The global map shows sea temperature rises of 0.5 to 1 degree Celsius; land temperature rises of 1 to 2 degree Celsius; and Arctic temperature rises of up to 4 degrees Celsius.
Isilinganiso samazinga okushisa omoya osebusweni bomhlaba ukusuka ngowezi-2011 kuya kowezi-2021 uma aqhathaniswa nesilinganiso sango-1956-1976
The graph from 1880 to 2020 shows natural drivers exhibiting fluctuations of about 0.3 degrees Celsius. Human drivers steadily increase by 0.3 degrees over 100 years to 1980, then steeply by 0.8 degrees more over the past 40 years.
ushintsho lwesilinganiso samazinga okushisa omoya osebusweni bomhlaba kusuka eNguqukeni yezimboni, kanye nezifuqa shintsho. Ubuqhebeqhebe babntu bubangele ukwanda kwamazinga okushisa, Kanye negalelo leziphoqi zemvelo.

Umusho othi ukufudumala komhlaba ochazisa ukuqubuka kwesimo sezulu — ukukhuphuka okuqhubekayo kwamazinga okushisa kwembulunga — nemithelela yako esimisweni sesimo sezulu somhlaba. Ukufudumala kwembulunga ngomqondo obanzi kuhilela ushintsho lwasendulo lwesikhathi eside lesimo sezulu somhlaba. Ukuqubuka kwesilinganiso samazinga okushisa embulunga akhona manje kusheshisa kakhulu kunoshintsho lwangaphambili, futhi ngokuyinhloko kubangelwa ukushisa izivuthisi zentshicwa ngabantu. Ukusetshenziswa kwezivuthisi zentshicwa, ukugawulwa kwamahlathi, kanye neminye imikhuba yezolimo neyezimboni kwandisa uhowo lomshaboshisayo (greenhouse gases), ikakhulu umCalahle ontuhlambili kanye nejawani (methane). Uhowo lomshaboshisayo lugwinqa ingxenye yomchadamezo oyonzwa uNomkhubulwane emva kokufudumezwa ukukhanya kwelanga. Isamba esikhulu salohowo sivimba iningi lomchadamo kumoyambulunga osenzansi kaNomkhubulwane, okudala ukuba kube nokufudimala kwembulunga.