Ukufunda kwenguxa

Mayelana Wikipedia

Ukufunda kwenguxa ( ML ) umkhakha wophenyo onikezelwe ekuqondeni nasekwakheni izindlelasu 'ezifundayo', okungukuthi, izindlelasu ezikhulisa imininingo ukuze kuthuthukiswe ukusebenza kwemisebenzi ethile. Kuthathwa njengengxenye yohlakahlisombulu.[1]

Imikholezima yokufunda kwenguxa yakha unongo olusekwe osangulweni lwemininingo , olwaziwa ngokuthi imininingo yokuqeqesha, ukuze ikwazi ukwenza izibikezelo noma izinqumo ngaphandle kokuhleleliselwa lokho. Imikholezima yokufunda kwenguxa isetshenziswa emisebenzini ehlukahlukene, efana nakwezokulapha, ukuhlunga incwazuba, ukuhlonza izwi, kwezolimo, nemibono yesicikizi , lapho kulukhuni noma kungekho lula ukuthuthukisa imikholezima eyamukelekayo ezokwenza imisebenzi edingekayo.

Esinye isigabana sokufunda kwenguxa sihlobene kakhulu nezibalomiminingo zomcikizo ( computational statistics), ezigxile ekwenzeni izibikezelo ngokusebenzisa izicikizi, kodwa ukufunda kwenguxaokuningo akuncikile ekufundeni izibalomininingo. Ucwaningo lokwenza umchazazibalo ube ngqanda luveza izindlelasu, imibono nezidlangala zonsebenzo emkhakheni wokufundackwenguxa. Ukuvukuza imininingo kuwumkhakha ohlobene eduze, ogxile ekuhlaziyeni imininingo okuhlwayayo okwenziwa ngokufunda okungaqondisiwe.

Okunye ukugunundwa kokufunda kwenguxa kusebenzisa imininingo namaxhoxho enzwa ngendlela elingisa ukusebenza kobuchopho bemvelo.

Ekusebenzeni kwako ezinkingeni zomhwebo, ukufunda kwenguxa kubuye kubizwe ngokuthi izinhlaziyo eziqagulayo.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Ukufunda kwenguxa