Uluzuba
Appearance
Uluzuba noma uzuba luwukugeleza kwezinhlayiyana ezilelesiwe, ezifana nezinzuba noma izihonyo, ezihamba ngesiqombothisi noma emkhathini. Luchazwa njengesamba somgobhozo womlelesa wamazuba. Izinhlayiyana ezidikizayo zibizwa izifufula mlelesa. Ezintandelweni zamazuba izifufula mlelesa zivame ukuba IziNzuba ezidikiza entanjeni. Phakathi kweziqombothiqeku kungaba IziNzuba noma izimbobo. Phakathi kwesizubazane izifufula mlelesa kuba izihonyo, bese phakathi konyazani, okuluhowo oluhonyozekile, kuba izihonyo noma IziNzuba.