Umakhalekhukhwini
Jump to navigation
Jump to search
Umakhalekhukhwini ucingo oluncane olungenazo izintambo njengalolu lwasendlini (ithelefoni). Njengoba wona umakhalekhukhwini umncane wenza kube lula ukuhamba nawo yonake zonke izindawo ozihambayo. Ngomakhalekhukwhini futhi abantu bayakwazi ukuxhumana nabanye abantu noma ngabe bakuliphi izwe, kulawa angaphansi komthunzi welanga. Njengoba ubuchwephese bulokhu bushintshashintsha njalo nje, niokunjalo nomakhalekhukwini bayashintsha indlelaabasebenza ngayo. Umakhalekhwini wesimanje akusesiwo owokuthumela imilayezo kanye nokufona, usukuvumela ukuba wenze izinti ezingin ngawo okubalwa kuwo ukuxhuma kwi-intanethi, ukuthatha izithombe, ukulalela umsakazo, umbikombani, ukusebenzisa inkombandlela, ngingabala ngithini.