Umakhalekhukhwini


Umakhalekhukhwini uyisiklamo esiphathwayo sokushaya futhi samukele izingcingo ngomhume womjinge wamaza kuyilapho osiphethe ehamba ngaphakathi endaweni enenkonzo yohleloxhumano. Umhume womjinge wamaza uxhumana nesimiso sokuqhebeza somgidingi kamakhalekhukhwini, ohlinzeka ngemvume yokusebenzisa uhleloxhumano locingo lomphakathi oluqhebeziwe (PSTN). Umakhalekhukhwini wesimanje akusesiwo owokuthumela imilayezo kanye nokushayela abanye kuphela, kodwa weseka nezinye izinkonzo ezihlukile ezifana nemiyalezo yemiqhafazo, ukuxhuma kuxhakaxholo, ukuthatha izithombe zezibhangqiwe, ukulalela umsakazo, umbikombani, ukusebenzisa inkombandlela, ukuxhumana ngensibomvu nebluetooth , imifeketho yombukiso, izinsiza zamabhizinisi. UMakhalekhukhwini ophana ngalezi zinsiza nezinye eziningi ubizwa ngokuthi uMakhalipha (smartphone.)
uMakhalekhukhwini uthathwa njengento eqanjwe ngumuntu ebalulekile njengoba ungesetshenziswa kabanzi futhi udayiswa kakhulu kubakhozi bezobuchwepheshe. Namuhla omakhalekhukhwini bagcwele ndawozonke emhlabeni, abantu abangaphezu kwamaphesenti angama-90 banomakhalekhukhwini okungenani owodwa. Njengoba omakhalekhukhwini beqhubeka nokudla ubhedu, lokhu kwenza ukuba babize kancane futhi kube lula ukuthi abantu abaningi babathenge.
Igama
[hlela | Hlela umthombo]
Umakhalekhukhwini yilona gama lesiZulu elijwayekekile lalesi siklamo. Leli gama liyinhlanganisela yamagama amabili umakhala + ekhukhwini okusho ukuthi lesiklamo uyakwazi ukusifaka ekhukhwini bese ukhamba naso. Enye incazelo yakamuva ehlanganisa nengqalasizinda yona ithi: Lesiklamo singumakhala ekhukhwini (what rings within a cell) ngoba izinkonzo zikamakhalekhukhwini zanamuhla zisebenzisa izakhiwo zohleloxhumano lwekhukhu (cellular network). Lendlela yokuxhumana nabanye abantu ngaphandle kocingo isebenza ngokuthi umakhalekhukhwini uxhumane nomboshongo wekhukhu (cell tower) oseduze, okuyiwona oxhumana nehleloxhumano lukamakhalekhukhwini (phone network). Lapho umuntu ehamba futhi ebakude nomboshongo wekhukhu akulo, ikhukhu (cell) indawo enemibhoshongo yekhukhu, okuyiyona ethumela umyalezo kolunye ukhukhu angena kulo nemibhoshongo yalo ukuze aqhubeke nokuxhuma futhi aqhubeke esebenzise umakhalekhukhwini. Igama elithi umakhalekhukhwini alisho ikhukhu ofakwa kulo kuphela, kodwa lisho nendawo enemibhoshongo yokuthi uxhume kalula. Ngakho elithi umakhalekhwini lisho ukuthi what rings within a cell (cell phone)
cell - ikhukhu
cell tower - Umbhoshongo wekhukhu

cellular network - Uhleloxhumano lwekhukhu
Amagama wezigcoyi nolwangu
[hlela | Hlela umthombo]- Isidludlungi esimqoka - central processing unit]] (CPU)
- Isidludlungwana - microprocessor
- isisungubezinxa sentuhla - metal-oxide–semiconductor
- Intandelo edidiyelwe - integrated circuit
- IsiPhathanzuba - battery
- Isiphathanzuba somthanya - lithium-ion battery
- Isiphathanzuba sesinimbi -nickel-metal battery
- Isiphathanzuba sesiphembalahle - Silicon-carbon battery
- Isiphathanzuba somkhumanqa - Solid state battery
- Isidlweza - charger
- ukudlweza - to charge
- Izingcofo - keypad
- Isihenqo esithintwayo - touch screen
- Umbukiso - display
- Umbukiso womncwebe - liquid-crystal display LCD
- isazube sokukhanya - organic light-emitting diode OLED
- Izinkentezi - Speakers
- iKhadi lobuhlonzi - Subscriber identity module]] SIM card
- uDwicici - feature phone
- uMakhalipha - smartphone